KwabaseRoma 5:6-15
KwabaseRoma 5:6-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngoba lapho sisebuthakathaka, ngesikhathi esifaneleyo uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu. Ngokuba akulula ukuba umuntu afele olungileyo; Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa uthando lwakhe kithina ngokuthi, siseyizoni, uKristu wasifela. Ngakho-ke sesilungisisiwe ngegazi lakhe kakhulu, siyakusindiswa ngaye olakeni. Ngokuba uma, siseyizitha, sabuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana. Akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukele ngayo ukubuyisana. Ngakho njengalokhu ngamuntu munye isono sangena emhlabeni, langesono ukufa; kanjalo ukufa kwedlulela kubantu bonke, lokhu bonke bonile; Ngokuba kuze kube ngumthetho isono sasikhona ezweni, kepha isono asibalelwa ungekho umthetho. Nokho ukufa kwabusa kusukela ku-Adamu kuze kufike kuMose, ngisho naphezu kwalabo abangonanga njengesiphambeko sika-Adamu, ongumfanekiso walowo owayezakuza. Kodwana isipho asinjengesiphambeko. Ngokuba uma ngesiphambeko somunye abaningi bafa, kakhulukazi umusa kaNkulunkulu nesipho ngomusa okungamuntu oyedwa uJesu Kristu, kwavama kwabaningi.
KwabaseRoma 5:6-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba sisebuthakathaka, uKhristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo, ngokuba akwandile ukuba umuntu angafela olungileyo, kodwa hleze kube khona ongazidela afele umuntu oqotho. Kepha uNkulunkulu ubonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu, ukuthi siseyizoni, uKhristu wasifela. Ngakho-ke kakhulu kangakanani sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni. Ngokuba uma sathi siseyizitha, sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kuyacaca bha ukuthi siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesikutholile ukubuyisana. Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa siyazigabisa ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu, esamukeliswe ngayo ukubuyisana. Ngakho-ke njengalokhu isono sangena emhlabeni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwabehlela abantu bonke, ngokuba bonke bonile. Ngokuba isono sasikhona emhlabeni, kwaze kwafika umthetho; kodwa isono asibalelwa lapho kungekho khona umthetho. Nokho ukufa kwabusa kusukela ku-Adamu kwaze kwaba kuMose, nakulabo abangonanga ngesiphambeko esifanayo nesika-Adamu oyisifanekiso salowo ozayo. Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko, ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye kwafa abaningi; ikakhulu kwanda kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu, ngomusa wamuntu munye, uJesu Khristu.
KwabaseRoma 5:6-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo; ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle; kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela. Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni. Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana; kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana. Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile; ngokuba isono sasikhona ezweni kungakabikho umthetho, kepha isono asibalelwa ungekho umthetho; nokho ukufa kwabusa kusukela ku-Adamu kwaze kwaba kuMose, naphezu kwabangonanga ngendlela yeseqo sika-Adamu oyisifanekiso sakhe obeyakuza. Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa, ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu.
KwabaseRoma 5:6-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)