KwabaseRoma 5:6-11
KwabaseRoma 5:6-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngoba lapho sisebuthakathaka, ngesikhathi esifaneleyo uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu. Ngokuba akulula ukuba umuntu afele olungileyo; Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa uthando lwakhe kithina ngokuthi, siseyizoni, uKristu wasifela. Ngakho-ke sesilungisisiwe ngegazi lakhe kakhulu, siyakusindiswa ngaye olakeni. Ngokuba uma, siseyizitha, sabuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana. Akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukele ngayo ukubuyisana.
KwabaseRoma 5:6-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba sisebuthakathaka, uKhristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo, ngokuba akwandile ukuba umuntu angafela olungileyo, kodwa hleze kube khona ongazidela afele umuntu oqotho. Kepha uNkulunkulu ubonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu, ukuthi siseyizoni, uKhristu wasifela. Ngakho-ke kakhulu kangakanani sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni. Ngokuba uma sathi siseyizitha, sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kuyacaca bha ukuthi siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesikutholile ukubuyisana. Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa siyazigabisa ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu, esamukeliswe ngayo ukubuyisana.
KwabaseRoma 5:6-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo; ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle; kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela. Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni. Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana; kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana.
KwabaseRoma 5:6-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)