KwabaseRoma 5:1-5
KwabaseRoma 5:1-5 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu; okungaye futhi sinokungena ngokholo kulo musa esimi kuwo, sizibonga ethembeni lenkazimulo kaNkulunkulu. Akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko, sazi ukuthi usizi luveza ukubekezela; nokubekezela kungukuqonda; nokuhlangenwe nakho, ithemba; Futhi ithemba alijabhisi; ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
KwabaseRoma 5:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, sizigabisa ngethemba lenkazimulo kaNkulunkulu. Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa siyazigabisa nangezinhlupheko, sazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukubekezela, ukubekezela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba. Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimphiweyo.
KwabaseRoma 5:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu. Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba; ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
KwabaseRoma 5:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)