KwabaseRoma 12:17-19
KwabaseRoma 12:17-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke. Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke. Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi.
KwabaseRoma 12:17-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto eziqotho phambi kwabantu bonke. Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, hlalani ngokuthula nabantu bonke. Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.
KwabaseRoma 12:17-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke. Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke. Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi.
KwabaseRoma 12:17-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.
KwabaseRoma 12:17-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)