KwabaseRoma 12:1-2
KwabaseRoma 12:1-2 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda. Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu enhle, neyamukelekayo, nepheleleyo.
KwabaseRoma 12:1-2 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya. Ningalingisi leli lizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe yintsha ingqondo yenu ukuze nikwazi ukuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, okuthandekayo, nokupheleleyo.
KwabaseRoma 12:1-2 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda; ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.
KwabaseRoma 12:1-2 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)