KwabaseRoma 1:1-7
KwabaseRoma 1:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UPawulu, inceku kaJesu Kristu, owabizelwa ukuba ngumphostoli, owahlukaniselwa ivangeli likaNkulunkulu, (ayayithembisa ngaphambili ngabaprofethi bakhe emibhalweni engcwele,) Mayelana neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu, owavela enzalweni kaDavide ngokwenyama; futhi yabonakaliswa ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngamandla, ngomoya wobungcwele, ngokuvuka kwabafileyo; esamukele ngaye umusa nobuphostoli, kube ngukulalela ekukholweni phakathi kwezizwe zonke ngenxa yegama lakhe; eliphakathi kwabo lani ababiziweyo bakaJesu Kristu; kubo bonke abaseRoma, abathandekayo bakaNkulunkulu, ababizelwe ukuba ngabangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
KwabaseRoma 1:1-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

KwabaseRoma 1:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UPawula, inceku kaKhristu uJesu, obiziwe ukuba ngumphostoli nowehlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu, alethembisa phambilini ngabaphrofethi bakhe emibhalweni engcwele, mayelana neNdodana yakhe evela olibeni lukaDavide ngokwenyama, kodwa ebizwe ngeNdodana kaNkulunkulu ngamandla ngokoMoya wobungcwele nangokuvuka kwabafileyo, uJesu Khristu iNkosi yethu, okungaye samukela umusa nobuphostoli ukuze kube khona ukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe, okukhona phakathi kwabo nani eningababiziweyo bakaJesu Khristu, kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababizwa ngabangcwele: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.
KwabaseRoma 1:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UPawulu, inceku kaKristu Jesu, umphostoli obiziweyo nowahlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu, alethembisa ngaphambili ngabaprofethi bakhe emibhalweni engcwele mayelana neNdodana yakhe eyavela enzalweni kaDavide ngokwenyama, eyabonakaliswa ngamandla ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo, uJesu Kristu iNkosi yethu esamukela ngaye umusa nobuphostoli kube ngukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe, enikuzo nani eningababiziweyo bakaJesu Kristu, kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.