UPawula, inceku kaKhristu uJesu, obiziwe ukuba ngumphostoli nowehlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu, alethembisa phambilini ngabaphrofethi bakhe emibhalweni engcwele, mayelana neNdodana yakhe evela olibeni lukaDavide ngokwenyama, kodwa ebizwe ngeNdodana kaNkulunkulu ngamandla ngokoMoya wobungcwele nangokuvuka kwabafileyo, uJesu Khristu iNkosi yethu, okungaye samukela umusa nobuphostoli ukuze kube khona ukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe, okukhona phakathi kwabo nani eningababiziweyo bakaJesu Khristu, kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababizwa ngabangcwele: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.
Funda KwabaseRoma 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 1:1-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo