IsAmbulo 8:1-13
IsAmbulo 8:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kuthe ukuba liluvule uphawu lwesikhombisa, kwathi du ezulwini kungathi inxenye yehora. Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa. Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi. Kwase kwenyuka esandleni sengelosi umusi wempepho nemikhuleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu. Ingelosi yayisithabatha isitsha sempepho, yasigcwalisa ngomlilo wase-altare, yasiphonsa emhlabeni; kwase kuba khona ukuduma, namazwi, nemibani, nokuzamazama komhlaba. Izingelosi eziyisikhombisa ezazinamacilongo ayisikhombisa zazilungiselela ukubetha. Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka, nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka. Ingelosi yesibili yayisibetha; kwangathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa elwandle; okwesithathu kolwandle kwaba yigazi, kwafa okwesithathu kokudaliweyo okwakuselwandle okuphilayo, nokwesithathu kwemikhumbi kwabhujiswa. Ingelosi yesithathu yayisibetha; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivuthisa okwesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi. Igama lenkanyezi lithiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, nabaningi kubantu bafa ngamanzi, ngokuba enziwa ababa. Ingelosi yesine yayisibetha; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga, nokwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe, nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo, nobusuku ngokunjalo. Ngase ngibona, ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngokunye ukukhala kwecilongo lezingelosi ezintathu ezisezakubetha!”
IsAmbulo 8:1-13 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwaba khona ukuthula ezulwini kwangaba yingxenye yehora. Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu; banikwa amacilongo ayisikhombisa. Kwafika enye ingelosi, yema ngase-altare, inesitsha segolide sempepho; yanikwa impepho eningi ukuba iyinikele kanye nemithandazo yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi. Umusi wempepho wenyuka kanye nemikhuleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu uphuma esandleni sengelosi. Ingelosi yasithatha umcengezi wempepho, yawugcwalisa ngomlilo we-altare, yawuphonsa emhlabeni; kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani, nokuzamazama komhlaba. Izingelosi eziyisikhombisa ezazinamacilongo ayisikhombisa zazilungiselela ukubetha. Ingelosi yokuqala yayisibetha, kwavela isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni; Ingelosi yesibili yayisibetha, kwasekungathi intaba enkulu evutha umlilo yaphonswa olwandle, nengxenye yesithathu yolwandle yaba yigazi; Kwafa ingxenye yesithathu yezidalwa ezisolwandle ezinemiphefumulo; nengxenye yesithathu yemikhumbi yachithwa. Ingelosi yesithathu yayisibetha, kwawa ezulwini inkanyezi enkulu, ivutha njengesibani, yawela phezu kwengxenye yesithathu yemifula naphezu kwemithombo yamanzi. Igama lenkanyezi kuthiwa uMhlonyane, nengxenye yesithathu yamanzi yaba umhlonyane; abantu abaningi bafa ngamanzi, ngokuba aba aba. Ingelosi yesine yayisibetha, kwase kushaywa ingxenye yesithathu yelanga, nengxenye yesithathu yenyanga, nengxenye yesithathu yezinkanyezi; njengokuba ingxenye yesithathu yazo yaba mnyama, nengxenye yesithathu yemini ayikhanyi, nobusuku ngokunjalo. Ngasengibona, ngezwa ingilosi indiza emkhathini wezulu, isithi ngelizwi elikhulu: Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngenxa yokukhala kwecilongo lezingilosi ezintathu ezisekhona ukuzwakala!
IsAmbulo 8:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwathi cwaka ezulwini cishe ingxenye yehora. Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa. Enye ingelosi yeza, yema ngase-althare, iphethe isithunqiso segolide, yanikwa impepho eningi ukuba iyenezelele emikhulekweni yabangcwele bonke, phezu kwe-althare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi. Intuthu yempepho kanye nemikhuleko yabangcwele kwenyukela phambi kukaNkulunkulu, kusuka esandleni sengelosi. Ingelosi yathabatha isithunqiso, yasigcwalisa ngamalahle omlilo wase-althare avuthayo, yasiphonsa emhlabeni, kwase kuba khona ukuduma, umsindo, imibani, nokuzamazama komhlaba. Izingelosi eziyisikhombisa ezaziphethe amacilongo ayisikhombisa; zazilungiselela ukuwabetha. Eyokuqala yalibetha icilongo; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshwe negazi, kwaphonswa emhlabeni. Kwathi okwesithathu komhlaba kwasha kwangqongqa, okwesithathu kwezihlahla nakho kwasha kwaphela, nabo bonke utshani obuluhlaza, basha baba ngumlotha. Ingelosi yesibili yabetha icilongo; kwaba sengathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa olwandle. Okwesithathu kolwandle kwaphenduka igazi, kwafa okwesithathu kokudaliweyo okuphilayo okwakusolwandle, nokwesithathu kwemikhumbi kwabhujiswa. Ingelosi yesithathu yabetha icilongo; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivutha njengesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi. Igama lenkanyezi kuthiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, kwafa abantu abaningi ngenxa yamanzi, ngokuba ayenziwe ababa. Ingelosi yesine yayisibetha icilongo; kwashaya ingxenye yokwesithathu kwelanga, okwesithathu kwenyanga, okwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kokukhanya kwakho kube mnyama nokwesithathu kwemini kungakhanyi, kanjalo nobusuku. Ngase ngibona, futhi ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kulabo abakhileyo emhlabeni, lapho sekukhala amacilongo asasele, njengoba izingelosi ezintathu zizakuwabetha!”
IsAmbulo 8:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)