IsAmbulo 8:1-13

IsAmbulo 8:1-13 CZB24

Lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwaba khona ukuthula ezulwini kwangaba yingxenye yehora. Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu; banikwa amacilongo ayisikhombisa. Kwafika enye ingelosi, yema ngase-altare, inesitsha segolide sempepho; yanikwa impepho eningi ukuba iyinikele kanye nemithandazo yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi. Umusi wempepho wenyuka kanye nemikhuleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu uphuma esandleni sengelosi. Ingelosi yasithatha umcengezi wempepho, yawugcwalisa ngomlilo we-altare, yawuphonsa emhlabeni; kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani, nokuzamazama komhlaba. Izingelosi eziyisikhombisa ezazinamacilongo ayisikhombisa zazilungiselela ukubetha. Ingelosi yokuqala yayisibetha, kwavela isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni; Ingelosi yesibili yayisibetha, kwasekungathi intaba enkulu evutha umlilo yaphonswa olwandle, nengxenye yesithathu yolwandle yaba yigazi; Kwafa ingxenye yesithathu yezidalwa ezisolwandle ezinemiphefumulo; nengxenye yesithathu yemikhumbi yachithwa. Ingelosi yesithathu yayisibetha, kwawa ezulwini inkanyezi enkulu, ivutha njengesibani, yawela phezu kwengxenye yesithathu yemifula naphezu kwemithombo yamanzi. Igama lenkanyezi kuthiwa uMhlonyane, nengxenye yesithathu yamanzi yaba umhlonyane; abantu abaningi bafa ngamanzi, ngokuba aba aba. Ingelosi yesine yayisibetha, kwase kushaywa ingxenye yesithathu yelanga, nengxenye yesithathu yenyanga, nengxenye yesithathu yezinkanyezi; njengokuba ingxenye yesithathu yazo yaba mnyama, nengxenye yesithathu yemini ayikhanyi, nobusuku ngokunjalo. Ngasengibona, ngezwa ingilosi indiza emkhathini wezulu, isithi ngelizwi elikhulu: Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngenxa yokukhala kwecilongo lezingilosi ezintathu ezisekhona ukuzwakala!