IsAmbulo 13:1-18
IsAmbulo 13:1-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngase ngibona kukhuphuka isilo olwandle, sinezimpondo ezilishumi namakhanda ayisikhombisa, ezimpondweni zaso kukhona imiqhele elishumi, emakhanda aso kunamagama ahlambalazayo. Isilo engasibonayo sasifana nengwe, izinyawo zaso zinjengezebhere, umlomo waso ufana nomlomo webhubesi. Udrago wasinika amandla akhe, isihlalo sakhe sobukhosi, negunya lakhe elikhulu lokubusa. Elinye lamakhanda aso lalingathi lishayelwe ukufa, kodwa nokho inxeba lalo lase lipholile, umhlaba wonke wamangala, wase usilandela isilo. Bakhuleka kudrago, ngokuba wanika isilo amandla, bakhuleka nakuso isilo, bethi: “Ngubani ofana nesilo, ngubani futhi ongalwa naso na?” Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nezihlambalazayo, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingama-42. Savula umlomo waso, sahlambalaza uNkulunkulu, sahlambalaza igama lakhe nethabanakeli lakhe, nabo bonke abasezulwini. Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe. Sanikwa futhi igunya phezu kwemindeni yonke, abantu, izilimi, nezizwe. Bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, bonke abamagama abo engalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu elahlatshwayo, selokhu kwasekelwa umhlaba. Uma ekhona onendlebe, makezwe. Uma uthathwa uyiswa ekuthunjweni, uyakuya ekuthunjweni; uma kukhona obulawa ngenkemba, uyakufa ngenkemba. Lokhu kungukubekezela nokukholwa kwabangcwele. Ngase ngibona esinye isilo siphuma emhlabeni, sinezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu, futhi sikhulumisa okukadrago. Sasebenzisa lonke igunya lesilo sokuqala; saphoqelela umhlaba nabo bonke abakhileyo kuwo ukuba bakhonze isilo sokuqala, okwapholiswa inxeba laso. Senza izibonakaliso ezinkulu, ngisho nokwehlisa umlilo ezulwini wehlele emhlabeni phambi kwabantu. Siyabakhohlisa labo abakhileyo emhlabeni ngenxa yezibonakaliso esanikwa zona ukuba sizenze phambi kwesilo. Sitshela abakhileyo emhlabeni ukuba benze umfanekiso wesilo esasinenxeba lenkemba, kodwa esasinda. Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki emfanekisweni wesilo babulawe. Senza bonke abancane nabadala, abacebileyo nabampofu, abakhululekileyo nabayizigqila, ukuba babekwe uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo, nokuba kungabi bikho oyothenga noma athengise ngalo, ngaphandle kwalowo onophawu, igama lesilo noma inombolo yegama laso. Nakhu ukuhlakanipha. Onengqondo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu: isibalo sakhe singama-666.
IsAmbulo 13:1-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngase ngimi esihlabathini solwandle, ngabona isilo sikhuphuka elwandle, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi, nasemakhanda aso kunegama lenhlamba. Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zinjengezebhere, nomlomo waso unjengomlomo wengonyama, udrako wamnika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, negunya elikhulu. Ngase ngibona elinye lamakhanda aso kungathi lilimele lokufa; nenxeba laso elibulalayo lelashwa; umhlaba wonke wamangala ulandela isilo. Bakhuleka kudrako owanika isilo amandla, bakhuleka kuso isilo, bathi: “Ngubani ofana nesilo na? ngubani ongalwa naye na? Sanikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba; kwasekunikwa kuye ukuthi aqhubeke izinyanga ezingamashumi amane nambili. Savula umlomo waso ukuhlambalaza uNkulunkulu, ukuhlambalaza igama lakhe netabernakele lakhe, nabahlezi ezulwini. Sanikwa sona ukulwa nabangcwele, nokubanqoba, sanikwa amandla phezu kwezizwe zonke, nezilimi, nezizwe. Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba. Uma umuntu enendlebe, makezwe. Oyisa ekuthunjweni uyakuya ekuthunjweni; obulala ngenkemba umelwe ukubulawa ngenkemba. Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele. Ngase ngibona esinye isilo sikhuphuka emhlabeni; yayinezimpondo ezimbili njengewundlu, ikhuluma njengodrako. Sasebenzisa onke amandla esilo sokuqala phambi kwaso, senza umhlaba nabakhileyo kuwo ukuba bakhulekele isilo sokuqala, esinxeba laso elibulalayo lelashwa. Senza izimangaliso ezinkulu, size sehlise nomlilo ezulwini, wehle emhlabeni phambi kwabantu; Sidukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esase sinamandla ukuzenza phambi kwesilo; sitshela abakhileyo emhlabeni ukuthi basenzele umfanekiso isilo, esasinenxeba lenkemba, kodwa saphila. Sanikwa amandla okwenza umfanekiso wesilo uphile, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze ukuba babulawe abangawukhulekeli umfanekiso wesilo. Lenza ukuthi bonke, abancane nabakhulu, abacebile nabampofu, abakhululekileyo nezigqila, babe nophawu esandleni sabo sokunene noma emabunzini abo; Nokuba kungabikho muntu othenga noma athengise, kuphela onophawu, igama lesilo, noma isibalo segama laso. Nakhu ukuhlakanipha. Ohlakaniphileyo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu; inombolo yakhe ingamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha.
IsAmbulo 13:1-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

IsAmbulo 13:1-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngase ngibona isilo sikhuphuka elwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi nasemakhanda aso kukhona amagama enhlamba. Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zazinjengezebhere*, nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama. Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu. Elinye lamakhanda aso kungathi lalidebezwe okokufa, kepha ingozi yaso yokufa yelashwa, umhlaba wonke walandela isilo, umangala; bakhuleka kudrako, ngokuba wanika isilo amandla akhe, bakhuleka nakuso isilo, bethi: “Ngubani ofana nesilo, ngubani ongalwa naso na?” Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili. Savula umlomo waso ukuhlambalaza uNkulunkulu, ukuhlambalaza igama lakhe netabernakele* lakhe, nabo abahlezi ezulwini. Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe; sanikwa futhi amandla phezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi, nezizwe. Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba. Uma ekhona onendlebe, makezwe. Uma ekhona oyisa ekuthunjweni, uya naye ekuthunjweni; uma ekhona obulala ngenkemba, umelwe naye ukubulawa ngenkemba. Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele. Ngase ngibona esinye isilo siphuma emhlabeni, sinezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu, kepha sikhuluma njengodrako. Amandla onke esilo sokuqala siyawenza phambi kwaso. Siyenza ukuba umhlaba nabo bonke abakhileyo kuwo bakhuleke kuso isilo sokuqala esingozi yaso yelashwa. Senza nezibonakaliso ezinkulu, size senze nomlilo uphume ezulwini, wehlele emhlabeni phambi kwabantu. Futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo, sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo, ebesinenxeba lenkemba kepha sasinda. Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki kumfanekiso wesilo babulawe. Senza futhi ukuba bonke, abancane nabakhulu, nabacebileyo nabampofu, nabakhululekileyo nabayizigqila, bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo ukuba angabikho ongathenga nokuba athengise, uma engenalo uphawu, igama lesilo noma isibalo segama laso. Nakhu ukuhlakanipha. Onengqondo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu. Nesibalo sakhe singamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha.