ISambulo 13:1-18

ISambulo 13:1-18 ZUL20

Ngase ngibona kukhuphuka isilo olwandle, sinezimpondo ezilishumi namakhanda ayisikhombisa, ezimpondweni zaso kukhona imiqhele elishumi, emakhanda aso kunamagama ahlambalazayo. Isilo engasibonayo sasifana nengwe, izinyawo zaso zinjengezebhere, umlomo waso ufana nomlomo webhubesi. Udrago wasinika amandla akhe, isihlalo sakhe sobukhosi, negunya lakhe elikhulu lokubusa. Elinye lamakhanda aso lalingathi lishayelwe ukufa, kodwa nokho inxeba lalo lase lipholile, umhlaba wonke wamangala, wase usilandela isilo. Bakhuleka kudrago, ngokuba wanika isilo amandla, bakhuleka nakuso isilo, bethi: “Ngubani ofana nesilo, ngubani futhi ongalwa naso na?” Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nezihlambalazayo, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingama-42. Savula umlomo waso, sahlambalaza uNkulunkulu, sahlambalaza igama lakhe nethabanakeli lakhe, nabo bonke abasezulwini. Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe. Sanikwa futhi igunya phezu kwemindeni yonke, abantu, izilimi, nezizwe. Bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, bonke abamagama abo engalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu elahlatshwayo, selokhu kwasekelwa umhlaba. Uma ekhona onendlebe, makezwe. Uma uthathwa uyiswa ekuthunjweni, uyakuya ekuthunjweni; uma kukhona obulawa ngenkemba, uyakufa ngenkemba. Lokhu kungukubekezela nokukholwa kwabangcwele. Ngase ngibona esinye isilo siphuma emhlabeni, sinezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu, futhi sikhulumisa okukadrago. Sasebenzisa lonke igunya lesilo sokuqala; saphoqelela umhlaba nabo bonke abakhileyo kuwo ukuba bakhonze isilo sokuqala, okwapholiswa inxeba laso. Senza izibonakaliso ezinkulu, ngisho nokwehlisa umlilo ezulwini wehlele emhlabeni phambi kwabantu. Siyabakhohlisa labo abakhileyo emhlabeni ngenxa yezibonakaliso esanikwa zona ukuba sizenze phambi kwesilo. Sitshela abakhileyo emhlabeni ukuba benze umfanekiso wesilo esasinenxeba lenkemba, kodwa esasinda. Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki emfanekisweni wesilo babulawe. Senza bonke abancane nabadala, abacebileyo nabampofu, abakhululekileyo nabayizigqila, ukuba babekwe uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo, nokuba kungabi bikho oyothenga noma athengise ngalo, ngaphandle kwalowo onophawu, igama lesilo noma inombolo yegama laso. Nakhu ukuhlakanipha. Onengqondo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu: isibalo sakhe singama-666.