IsAmbulo 12:7-9
IsAmbulo 12:7-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako*. Nodrako walwa enezingelosi zakhe, kepha kabaze banqoba, nendawo yabo kayabe isafunyanwa ezulwini. Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.
IsAmbulo 12:7-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwaba khona impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako; nodrako walwa nezingelosi zakhe; Kodwa kazange anqobe; nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini. Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.
IsAmbulo 12:7-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikhayeli nezingelosi zakhe balwa nodrago. Udrago walwa ekanye nezingelosi zakhe, kodwa abazange babe namandla okunqoba, nendawo yabo yaphela ezulwini. Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.
IsAmbulo 12:7-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako*. Nodrako walwa enezingelosi zakhe, kepha kabaze banqoba, nendawo yabo kayabe isafunyanwa ezulwini. Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.
IsAmbulo 12:7-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)