IsAmbulo 12:7-9

IsAmbulo 12:7-9 CZB24

Kwaba khona impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako; nodrako walwa nezingelosi zakhe; Kodwa kazange anqobe; nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini. Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.