IsAmbulo 12:1-17

IsAmbulo 12:1-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini; owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili; Kwathi ekhulelwe wakhala, enemihelo, ebuhlungu ngokuzala. Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa. Umsila wawo wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni; Wazala umntwana wesilisa, obeyakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntwana wakhe wahlwithwa wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi. Owesifazane wabalekela ehlane, lapho enendawo ayilungiselwe nguNkulunkulu, ukuba bamondle khona izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha. Kwaba khona impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako; nodrako walwa nezingelosi zakhe; Kodwa kazange anqobe; nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini. Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye. Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: Manje isifikile insindiso, namandla, nombuso kaNkulunkulu wethu, namandla kaKristu wakhe; ebusuku. Bona bamehlula ngegazi leWundlu langezwi lobufakazi babo; futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni. Ngakho thokozani lina mazulu, lani elihlala kuwo. Maye kwabakhileyo emhlabeni nolwandle! ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane. Kwathi udrako esebonile ukuthi uphonswe emhlabeni, wazingela owesifazana owazala umntwana wesilisa. Owesifazane wanikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu, ukuze andizele ehlane, endaweni yakhe, lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, kude nobuso benyoka. Inyoka yakhipha emlonyeni wayo amanzi anjengomfula emva kowesifazane, ukuze immukise nomfula. Umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wavula umlomo wawo, wawugwinya umfula udrako awukhipha emlonyeni wakhe. Udrako wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nensali yenzalo yakhe, egcina imiyalo kaNkulunkulu, enobufakazi bukaJesu Kristu.

IsAmbulo 12:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, ekhanda lakhe ethwele umqhele wezinkanyezi ezili-12. Wayekhulelwe, wakhala ngenxa yemihelo, esikwa, enobuhlungu bokubeletha. Kwabonakala futhi esinye isibonakaliso ezulwini; nango udrago omkhulu, obomvu, onamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. Emakhanda akhe wayenemiqhele eyisikhombisa. Umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Udrago wayemi ngaphambi kowesifazane owayezobeletha, ukuze kuthi uma esebelethile, amshwabadele umntwana wakhe. Wabeletha umntwana wesilisa ozokwelusa izizwe zonke ngentonga yensimbi. Umntwana wahlwithwa kuye wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi. Owesifazane wabalekela ehlane, lapho enendawo ayeyilungiselelwe nguNkulunkulu, ukuba anakekelwe izinsuku eziyi-1 260. Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikhayeli nezingelosi zakhe balwa nodrago. Udrago walwa ekanye nezingelosi zakhe, kodwa abazange babe namandla okunqoba, nendawo yabo yaphela ezulwini. Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye. Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini lithi: “Manje isifikile insindiso, namandla, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu, negunya likaKhristu wakhe, ngokuba usephonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu, obamangalela phambi kukaNkulunkulu imini nobusuku. Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni. Ngakho-ke jabulani nina mazulu nalabo abahlala kuwo. Maye, kuwe mhlaba, nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi kahle ukuthi isikhathi sifushane!” Kuthe udrago esebona ukuthi uphonswe phansi emhlabeni, wazingela owesifazane owayezale umntwana wesilisa. Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe, lapho enakekelwa khona isikhathi nezikhathi, nengxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka. Inyoka yamkhwifa imlandela owesifazane, kwaphuma emlonyeni wayo amanzi kungathi ngumfula ukuze immukise nalowo mfula. Umhlaba wamsiza owesifazane, wavula umlomo wawo, wawugwinya umfula owawukhwifwa wudrago ngomlomo wakhe. Udrago wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.

IsAmbulo 12:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwaba khona ezulwini isibonakaliso esikhulu: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili, ekhulelwe wakhala, enemihelo esikwa ngubuhlungu bokubeletha. Kwabonakala esinye isibonakaliso ezulwini; bheka, nango udrako* omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe enemiqhele eyisikhombisa; umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Nodrako wema phambi kowesifazane obezakubeletha, ukuze kuthi nxa esebelethile, ashwabadele umntwana wakhe. Wabeletha umntwana wesilisa ozakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntanakhe wahlwithelwa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi. Owesifazane wayesebalekela ehlane, lapho enendawo ayilungiselwe nguNkulunkulu, ukuba bamondle izinsuku eziyinkulumgwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha. Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako*. Nodrako walwa enezingelosi zakhe, kepha kabaze banqoba, nendawo yabo kayabe isafunyanwa ezulwini. Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye. Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: “Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku. Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni. Ngalokho thokozani nina mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe mhlaba nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!” Kuthe udrako esebona ukuthi usephonswe phansi emhlabeni, wazingela owesifazane owayezale umntwana wesilisa. Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka. Nenyoka yakhwifa, kwaphuma emlonyeni wayo emva kowesifazane amanzi kungathi umfula ukuba immukise nomfula. Umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wakhamisa umlomo wawo, wawuminza umfula owawukhwifa udrako ngomlomo wakhe. Udrako wamthukuthelela owesifazane, wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.

IsAmbulo 12:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)