IsAmbulo 12:1-17

IsAmbulo 12:1-17 ZULUNT

Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini; owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili; Kwathi ekhulelwe wakhala, enemihelo, ebuhlungu ngokuzala. Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa. Umsila wawo wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni; Wazala umntwana wesilisa, obeyakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntwana wakhe wahlwithwa wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi. Owesifazane wabalekela ehlane, lapho enendawo ayilungiselwe nguNkulunkulu, ukuba bamondle khona izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha. Kwaba khona impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako; nodrako walwa nezingelosi zakhe; Kodwa kazange anqobe; nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini. Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye. Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: Manje isifikile insindiso, namandla, nombuso kaNkulunkulu wethu, namandla kaKristu wakhe; ebusuku. Bona bamehlula ngegazi leWundlu langezwi lobufakazi babo; futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni. Ngakho thokozani lina mazulu, lani elihlala kuwo. Maye kwabakhileyo emhlabeni nolwandle! ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane. Kwathi udrako esebonile ukuthi uphonswe emhlabeni, wazingela owesifazana owazala umntwana wesilisa. Owesifazane wanikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu, ukuze andizele ehlane, endaweni yakhe, lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, kude nobuso benyoka. Inyoka yakhipha emlonyeni wayo amanzi anjengomfula emva kowesifazane, ukuze immukise nomfula. Umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wavula umlomo wawo, wawugwinya umfula udrako awukhipha emlonyeni wakhe. Udrako wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nensali yenzalo yakhe, egcina imiyalo kaNkulunkulu, enobufakazi bukaJesu Kristu.