IsAmbulo 1:17-20
IsAmbulo 1:17-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina; Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa. Loba izinto ozibonileyo, lezikhona, lezinto ezizakuba khona emva kwalokhu; Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide. Izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.
IsAmbulo 1:17-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lapho ngimbona ngawa phansi ngasezinyaweni zakhe, nganjengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; Mina ngingowokuqala nowokugcina, nophilayo. Ngangifile; manje ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi ngiphethe izihluthulelo zokufa nezeHayidesi. “Ngakho-ke loba lokhu okubonileyo, nokukhona, nokuzakwenzeka emuva kwalokho. Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, yile: izinkanyezi eziyisikhombisa yizingelosi zamabandla ayisikhombisa, kuthi izinti zegolide zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.”
IsAmbulo 1:17-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina, nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese*. “Ngakho-ke loba okubonileyo, nokukhona, nokuzakwenzeka emva kwalokho. Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide yile: izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.
IsAmbulo 1:17-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)