AmaHubo 90:1-17
AmaHubo 90:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nkosi, Wena uyisiphephelo sethu izizukulwane ngezizukulwane. Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali, kusukela phakade kuze kube phakade, Wena, Nkulunkulu, ukhona. Umuntu uyambuyisela othulini, uthi: “Buyani, bantwana babantu.” Ngokuba emehlweni akho inkulungwane yeminyaka ingangosuku lwayizolo olwedlule, imfushane ngangomlindo wasebusuku. Ubakhukhula njengesikhukhula; banjengobuthongo, nanjengotshani obuhluma ekuseni. Ekuseni buyahluma, bukhahlele, kusihlwa bubune, bunqunywe. Ngokuba siqedwa yintukuthelo yakho, ulaka lwakho luyasithuthumelisa. Amacala ethu uwabeke phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo zisekukhanyeni kobuso bakho. Ngokuba izinsuku zethu zidlula phansi kwentukuthelo, iminyaka yethu iphela ngokuphazima kweso. Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa, kuthi uma ziziningi, zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili. Ngubani owazi amandla entukuthelo yakho nolaka lwakho olunjengokwesabeka kwakho na? Nkosi, sifundise ukubala kahle izinsuku zethu, ukuze sizuze inhliziyo enokuhlakanipha. Buya, Simakade! Kuyoze kube nini na? Hawukela izinceku zakho. Sisuthise ngomusa wakho ekuseni, ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke. Sithokozise ngangezinsuku owasihlupha ngazo, nangangeminyaka esabona okubi ngayo. Izenzo zakho mazibonakale kuzo izinceku zakho, nenkazimulo yakho, kubantwana bazo. Umusa weNkosi, uNkulunkulu wethu, mawube phezu kwethu, imisebenzi yezandla zethu ichume, yisimamise imisebenzi yezandla zethu.
AmaHubo 90:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane. Kungakaveli izintaba, ungakawenzi umhlaba nezwe, kuthi kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona. Uyambuyisela umuntu othulini, uthi: “Buyani, bantwana babantu.” Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile, nanjengomlindo ebusuku. Uyabamukisa njengesikhukhula, banjengobuthongo; ekuseni banjengotshani obuhlumayo; ekuseni buyakhahlela, buhlume; kusihlwa bunqunywe, bubune. Ngokuba siyaqedwa yintukuthelo yakho, nangolaka lwakho siyabhubha. Ubekile amacala ethu phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho. Ngokuba izinsuku zethu ziyadlula ngentukuthelo yakho; siyafeza iminyaka yethu njengephefu. Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke. Ngubani owaziyo amandla entukuthelo yakho nolaka lwakho olunjengakho ukwesabeka kwakho na? Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu, sizuze inhliziyo enokuhlakanipha. Buya, Jehova! Koze kube nini na? Hawukela izinceku zakho. Sisuthise ngomusa wakho, kuse sekuseni, ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke. Sithokozise ngangezinsuku owasihlupha ngazo, nangangeminyaka esabona okubi ngayo. Izenzo zakho mazibonakale kuzo izinceku zakho, nenkazimulo yakho kubantwana bazo. Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu, umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu; yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.
AmaHubo 90:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Umkhuleko kaMose, umuntu kaNkulunkulu. Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane. Zingakaveli izintaba, kungakhathaliseki ukuthi wawenza umhlaba nezwe, kusukela phakade kuze kube phakade wena unguNkulunkulu. Umyisa umuntu ekubhujisweni; wathi: Buyani, madodana abantu! Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo lapho isiphelile, nanjengomlindo wasebusuku. Uyabasusa njengesikhukhula; banjengobuthongo; ekuseni banjengotshani obumilayo. Ekuseni liyakhahlela likhule; kusihlwa iyanqunywa, ibune. Ngoba siyaqedwa ngentukuthelo yakho, langentukuthelo yakho siyesaba. Uzibekile iziphambeko zethu phambi kwakho, nezono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho. Ngokuba zonke izinsuku zethu ziphelele entukuthelweni yakho; sichitha iminyaka yethu njengendaba exoxwayo. Izinsuku zeminyaka yethu ziyiminyaka eyishumi namashumi ayisithupha; futhi uma iyiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili ngenxa yamandla, nokho amandla ayo awumshikashika nosizi; ngoba masinyane liyanqunywa, futhi siyandiza, simuke. Ngubani owazi amandla entukuthelo yakho? nolaka lwenu lunjalo njengokwesaba kwenu. Ngakho sifundise ukubala izinsuku zethu, ukuze siphendule izinhliziyo zethu ekuhlakanipheni. Buya, Jehova, kuze kube nini? futhi makuphenduke kuwe ezincekwini zaKho. Usisuthise ekuseni ngomusa wakho; ukuze sithokoze, sithokoze zonke izinsuku zethu. Sithokozise ngokwezinsuku owasicindezela ngazo nangeminyaka esabona ngayo ububi. Umsebenzi wakho mawubonakale ezincekwini zakho nodumo lwakho kubantwana bazo. Ubuhle bukaJehova uNkulunkulu wethu mabube phezu kwethu, uqinise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu; yebo, umsebenzi wezandla zethu uyakuqinisa.