Nkosi, Wena uyisiphephelo sethu
izizukulwane ngezizukulwane.
Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali,
kusukela phakade kuze kube phakade,
Wena, Nkulunkulu, ukhona.
Umuntu uyambuyisela othulini, uthi:
“Buyani, bantwana babantu.”
Ngokuba emehlweni akho
inkulungwane yeminyaka
ingangosuku lwayizolo olwedlule,
imfushane ngangomlindo wasebusuku.
Ubakhukhula njengesikhukhula;
banjengobuthongo, nanjengotshani obuhluma ekuseni.
Ekuseni buyahluma, bukhahlele,
kusihlwa bubune, bunqunywe.
Ngokuba siqedwa yintukuthelo yakho,
ulaka lwakho luyasithuthumelisa.
Amacala ethu uwabeke phambi kwakho,
izono zethu ezifihliweyo zisekukhanyeni kobuso bakho.
Ngokuba izinsuku zethu zidlula phansi kwentukuthelo,
iminyaka yethu iphela ngokuphazima kweso.
Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka
engamashumi ayisikhombisa,
kuthi uma ziziningi,
zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.
Ngubani owazi amandla entukuthelo yakho
nolaka lwakho olunjengokwesabeka kwakho na?
Nkosi, sifundise ukubala kahle izinsuku zethu,
ukuze sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.
Buya, Simakade!
Kuyoze kube nini na?
Hawukela izinceku zakho.
Sisuthise ngomusa wakho ekuseni,
ukuze sithokoze,
sijabule izinsuku zethu zonke.
Sithokozise ngangezinsuku owasihlupha ngazo,
nangangeminyaka esabona okubi ngayo.
Izenzo zakho mazibonakale
kuzo izinceku zakho,
nenkazimulo yakho, kubantwana bazo.
Umusa weNkosi, uNkulunkulu wethu,
mawube phezu kwethu,
imisebenzi yezandla zethu ichume,
yisimamise imisebenzi yezandla zethu.