AmaHubo 89:19-37

AmaHubo 89:19-37 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kwabethembekileyo bakho, wathi: “Ngimsizile onamandla, ngimphakamisile okhethwe phakathi kwabantu. Ngiyifumene inceku yami, uDavide, ngayigcoba ngamafutha ami angcwele. Isandla sami siyakuba naye, simsimamise, ingalo yami imqinise. Isitha asiyukumehlula, nendodana yobubi ayiyukumhlupha. Izitha zakhe ngiyozichoboza ebuka, ngibhubhise abamzondayo. Ukwethembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye, egameni lami luyakuphakama udumo lwakhe. Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle, esokunene sakhe phezu kwemifula. Uyakungibiza, athi: “UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.” Ngiyomenza abe yizibulo nophakemeyo kunamakhosi omhlaba. Umusa wami ngiyomgcinela wona kuze kube phakade; isivumelwano sami siyohlala siqinile kuye. Uzalo lwakhe ngiyolwenza lume kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi siyokuma, inqobo nje kusekhona isibhakabhaka. “Uma abantwana bakhe bewushiya umthetho wami, bengahambi ngezehlulelo zami, uma bephula izimiso zami, bengayigcini imiyalo yami, ngiyakujezisa iziphambeko zabo ngenduku, namacala abo ngemivimbo. Kepha umusa wami angiyukuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami. Isivumelwano sami angiyukusaphula, nengikukhiphe ngezindebe zami angiyukukuguqula. Ngafunga ubungcwele bami kwakanye, angiyukuwaqamba amanga kuDavide. Abozalo lwakhe bayakuma kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami. Bayakuma kuze kube phakade njengenyanga, ibe ngufakazi esibhakabhakeni.”

AmaHubo 89:19-37 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi: “Ngibekile usizo eqhaweni, ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu. Ngifumene inceku yami uDavide, ngimgcobile ngamafutha ami angcwele. Isandla sami siyakuba naye siqinile, ingalo yami iyakumqinisa. Isitha asiyikumahlula, nendodana yobubi ayiyikumhlupha. Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe, ngihluphe abamzondayo. Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye; egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe. Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle, esokunene sakhe phezu kwemifula. Uyakungibiza ngokuthi: ‘UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.’ Ngiyakumenza abe yizibulo nophakamileyo kunamakhosi omhlaba. Ngiyakumgcinela umusa wami kuze kube phakade; isivumelwano sami soba siqinile kuye. Ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengezinsuku zezulu. “Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wami bengahambi ngezahlulelo zami, uma bephula izimiso zami bengagcini imiyalo yami, ngiyakuhambela izono zabo ngenduku, namacala abo ngemivimbo. Kepha umusa wami angiyikuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami. Angiyikwaphula isivumelwano sami, nokuphumileyo ezindebeni zami angiyikukuguqula. Ngafunga kanye ubungcwele bami, angiyikuqamba amanga kuDavide. Inzalo yakhe iyakuma phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami. Iyakuma phakade njengenyanga nanjengofakazi othembekileyo osemafwini.” Sela*

AmaHubo 89:19-37 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Khona-ke wakhuluma koNgcwele wakho embonweni wathi: “Nginikeze usizo olunamandla; ngiphakamisile okhethiweyo phakathi kwabantu. Ngifumene inceku yami uDavide; Ngamgcoba ngamafutha ami angcwele. Isandla sami siyakuqiniswa kubani; nengalo yami iyakumqinisa. Isitha asiyikukhuluma kuye; nendodana yobubi ayiyicindezeli. Futhi ngiyozinqoba izitha zakhe phambi kobuso bakhe futhi ngihluphe labo abamzondayo. Kodwa ukwethembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye, futhi uphondo lwakhe luyophakanyiswa egameni lami. Ngiyakubeka isandla sakhe olwandle nesandla sakhe sokunene emifuleni. Uyakungibiza ngokuthi: “Wena unguBaba, uNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami. Futhi ngizamenza izibulo lami, phezu kwamakhosi omhlaba. Ngizamgcinela umusa wami kuze kube nininini, lesivumelwano sami sizahlala kuye. Ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube phakade, nesihlalo sakhe sobukhosi sibe njengezinsuku zezulu. Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wami, bengahambi ngezimiso zami; Uma bephula izimiso zami, bengayigcini imiyalo yami; Khona-ke ngiyojezisa iziphambeko zabo ngenduku nangobubi babo ngemivimbo. Kodwa ngeke ngiwususe ngokupheleleyo umusa wami kuye futhi ngeke ngivumele ukwethembeka kwami kuphele. Angiyikwephula isivumelwano sami, nokuphuma emlonyeni wami angiyikukuguqula. Ngake ngafunga ngobungcwele bami ukuthi angiyikuqamba amanga kuDavide. Inzalo yakhe iyakuma kuze kube phakade, nesihlalo sakhe sobukhosi sinjengelanga phambi kwami. Liyokuma kuze kube phakade njengenyanga nanjengofakazi othembekile ezulwini. Sela.