AmaHubo 55:22-23
AmaHubo 55:22-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Phonsa umthwalo wakho kuSimakade, Yena uzokusimamisa. Akayukuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe. Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.
Dlulisela
Funda AmaHubo 55AmaHubo 55:22-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe. Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.
Dlulisela
Funda AmaHubo 55