AmaHubo 55:12-14
AmaHubo 55:12-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ukuba bengiklolodelwa yisitha, bengizokubekezelela lokho, nokuba bekungongizondayo oziphakamise phezu kwami, bengizomcashela. Kepha nguwe ntanga yethu, mhlobo wami nomngani wami. Besihlala ndawonye kamnandi; besihamba simshungu munye siya endlini kaNkulunkulu nebandla elithokozayo.
AmaHubo 55:12-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba akusiso isitha esingiklolodelayo; ngabe ngiyakuthwala; akusiye ongizondayo oziphakamise phezu kwami; ngabe ngamcashela; kepha nguwe ntanga yami, mhlobo wami nomngane wami. Sasihlalisana kamnandi; sasiya endlini kaNkulunkulu kanye nebandla elithokozayo.
AmaHubo 55:12-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba akusiso isitha esangithuka; ngabe sengikwazi ukuligqoka; futhi akusiye owangizondayo ozikhukhumezile kimi; ngabe sengimcashele; Kodwa nguwe, umuntu olingana lami, umngane wami lomngane wami. Saba neseluleko esihle ndawonye futhi sahamba ndawonye saya endlini kaNkulunkulu.