AmaHubo 49:1-20
AmaHubo 49:1-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lalelani lokhu nina bantu, nonke bekani indlebe, nonke zakhamuzi zasemhlabeni, abantukazana nezikhulu, abacebileyo nabantulayo. Umlomo wami uzokhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzokuba ngukuqonda. Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga, ngiphenye imfumbe yami ngehabhu. Yini ebengizoyesaba ngesikhathi senhlupheko, lapho ngihaqwa wububi babangizingelayo, labo abethembela engcebeni yabo, baqhoshe ngobuningi bomcebo wabo na? Impela umuntu angemhlenge umfowabo, noma amhlawulele kuNkulunkulu. Ngokuba ukuhlengwa kwempilo yakhe kubiza kakhulu, ngeke kwafinyelelwa kukho nanini, ukuze umuntu aphile ingunaphakade, angaliboni igodi. Qha, uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, nokuthi isiwula nesiphukuphuku siyabhubha; umcebo wabo bawushiyele abanye. Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo, ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawaqamba ngamagama abo. Kepha umuntu, nakuba enodumo, akayukuhlala angafi, ufana nezilwane ezibhubhayo. Le ndlela yabo ingubuwula babo, balandelwa ngabathokozela amazwi abo. Sela Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa, ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu. Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela Ungesabi uma umuntu eba yisicebi, nxa umcebo wendlu yakhe wanda. Ngokuba ekufeni kwakhe akayukumuka nalutho, umcebo wakhe awuyukwehla naye. Noma engawubusisa umphefumulo wakhe esaphila, futhi abantu bamtuse, ngokuba uzenzele kahle, nokho uyakuya esizukulwaneni sokhokho bakhe, abayukukubona ukukhanya naphakade. Umuntu ebukhazikhazini bakhe engenakuqonda, unjengezilwane ezibhubhayo.
AmaHubo 49:1-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yizwani lokhu nonke nina bantu; bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni, abantukazana nezikhulu, abacebileyo nabampofu. Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba ngokokuqonda. Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga, ngiphenye imfumbe yami ngehabhu.* Bengizakwesabelani ezinsukwini ezimbi, lapha ububi babangizingelayo bungihaqa, labo abathemba imfuyo yabo bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na? Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye. Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu; akunakuphela nanini ukuba aphile njalo, angaboni ukubola. Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye. Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawabiza ngamagama abo. Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma; ufana nezilwane ezibhubhayo. Le ndlela yabo ingubuwula babo, balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Sela* Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa, abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu. Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela* Ungesabi, nxa umuntu eceba, nxa ubukhosi bendlu yakhe banda. Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho; ubukhosi bakhe abuyikwehla naye. Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila, futhi abantu bekudumisa, ngokuba uzondle kahle, nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise; abayikukubona ukukhanya naphakade. Umuntu onodumo engenakuqonda unjengezilwane ezibhubhayo.
AmaHubo 49:1-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, ihubo lamadodana kaKora. Yizwani lokhu nina zizwe zonke! lalelani nina nonke enakhileyo emhlabeni! Abaphansi nabaphakeme, abacebile nabampofu, ndawonye. Umlomo wami uyakukhuluma ukuhlakanipha; nokuzindla kwenhliziyo yami kuyakuba ngukuqonda. Ngiyakubeka indlebe yami emfanekisweni, ngivule izwi lami elimnyama ngensimbi. Ngesabani emihleni yobubi, lapho ububi bezithende zami bungihaqa, na? Labo abathembela engcebweni yabo nasenkazimulweni yabo ngobuningi bengcebo yabo; Akekho kubo ongahlenga umfowabo nhlobo futhi angamniki uNkulunkulu isihlengo ngaye. (Ngoba insindiso yomphefumulo wabo iyigugu, futhi ihlala kuze kube phakade.) Ukuthi uzaphila phakade njalo angaboni ukubhujiswa. Ngoba uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, kanjalo isiphukuphuku nodelela bayabhubha, bashiyele abanye ingcebo yabo. Umcabango wabo wangaphakathi uthi izindlu zabo ziyohlala phakade, izindawo zabo zokuhlala ezizukulwaneni ngezizukulwane; babiza amazwe abo ngamagama abo. Kodwa umuntu ohloniphekayo kahlali; ufana nezilwane ezibhubhayo. Lena yindlela yabo, ubuwula babo, kodwa inzalo yabo ivumelana namazwi abo. Sela. Njengezimvu babekwa ethuneni; ukufa kuzobapha; abaqotho bayakubusa phezu kwabo ekuseni; nobuhle babo buyoqedwa eHayidese bungabikho endaweni yabo yokuhlala. Kodwa uNkulunkulu uzakhulula umphefumulo wami emandleni eHayidesi, ngoba yena uzangamukela. Sela. Ungesabi nxa umuntu eceba, uba udumo lwendlu yakhe lwanda; Ngoba uba efa, kayikuthatha lutho; inkazimulo yakhe ayiyikwehla emva kwakhe. Ngisho noma wawubusisa umphefumulo wakhe esaphila, futhi abantu bayokudumisa uma wenza okuhle kuwe. Uyakuya esizukulwaneni soyise; abasoze bakubona ukukhanya kwemini. Umuntu ohloniphekayo futhi ongaqondi ufana nezilwane ezibhubhayo.