AmaHubo 48:10-14
AmaHubo 48:10-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Njengebizo lakho, O Nkulunkulu, lunjalo udumo lwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba: Isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga. Mayijabule intaba yaseSiyoni, amadodakazi akwaJuda ajabule ngezahlulelo zakho. Zungezani iSiyoni, nilihaqe; tshela imibhoshongo yakhe. Bhekani izinqaba zalo, nibheke izindlu zalo zobukhosi; ukuze nisitshele isizukulwane esizayo. Ngoba lo Nkulunkulu unguNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade: uyosiholela ekufeni.
AmaHubo 48:10-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Njengoba linjalo igama lakho, Nkulunkulu, zinjalo nezibongo zakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba, isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga. Intaba iZiyoni mayithokoze, kwethabe amadodakazi akwaJuda, ngenxa yezehlulelo zakho. Hambani nizungeze iZiyoni, nihambe kuyo yonke indawo, nibale imibhoshongo yalo. Qaphelani izindonga zalo, nidabule ezigodlweni zalo, ukuze nilandise ngalo isizukulwane esisazozalwa, ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.
AmaHubo 48:10-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Njengalo igama lakho, Nkulunkulu, kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba; isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga. Mayijabule intaba yaseSiyoni, kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho. Zungezani iSiyoni, nilikake, nibale imibhoshongo yalo. Qaphelani izindonga zalo, nidabule izindlu zalo zobukhosi, ukuze nilandisele isizukulwane esizayo. Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade; uzakusihola kuze kube sekufeni.