AmaHubo 44:1-3
AmaHubo 44:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, okhokho besilandisa ngesenzo owasenzayo emihleni yabo, emihleni yasendulo. Nguwe owabaxosha abezizwe ngesandla sakho, kepha bona wabatshala; wazichitha izizwe, kepha bona wabandisa. Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.
AmaHubo 44:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, nokhokho bethu besitshela lokho owakwenza emihleni yabo, emihleni yasemandulo. Wena ngesandla sakho, waxosha izizwe, bona wabatshala; wazibhubhisa izizwe, bona wabakhulula. Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.
AmaHubo 44:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora, iMasigili. Sizwile ngezindlebe zethu, Nkulunkulu, ukuthi obaba basitshela umsebenzi owawenza emihleni yabo, emihleni yasendulo. Wazixosha kanjani izizwe ngesandla sakho, wazitshala; Wacindezela, wabaxosha kanjani abantu. Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kepha isandla sakho sokunene nengalo yakho nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawunomusa kubo.