AmaHubo 4:6-8
AmaHubo 4:6-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Baningi abathi: “Ngubani oyakusenzela okuhle na?” Simakade, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu. Ubeke injabulo enhliziyweni yami, eyedlula leyo yesikhathi lapho kunensada yokusanhlamvu, neyewayini labo elisha. Ngiyakulala phansi ngokuthula, ngilalise okwengane, ngoba nguWena wedwa, Simakade, ongenza ngihlale ngiphephile.
AmaHubo 4:6-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Baningi abathi: “Ngubani oyakusibonisa okuhle na?” Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu. Ubeke injabulo enhliziyweni yami edlula eyamabele abo newayini labo sekuvamile. Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.
AmaHubo 4:6-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Baningi abathi: “Ngubani ozosibonisa okuhle na? Jehova, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu. Uyithokozisile inhliziyo yami kunesikhathi lapho ukolweni wabo newayini labo kwanda. Ngiyakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungivumela ukuba ngihlale ngokulondeka.