Amahubo 4

4
Amahubo 4
Ingoma yakusihlwa
1Kumholi wokuhlabelela ngeNeginoti. Ihubo likaDavide. Ngiphendule lapho ngikhala, Nkulunkulu wokulunga kwami. Ngihawukele, uzwe umkhuleko wami.
2O bantwana babantu, koze kube nini inkazimulo yami ihlazekile? Koze kube nini nithanda okuyize nifuna inkokhelo na? Sela.
3Kodwa yazini ukuthi uJehova umhlukanisele owesabayo; uJehova uyakuzwa lapho ngimbiza.
4Yesabani, ningoni; khulumani nenhliziyo yenu embhedeni wenu, nithule. Sela.
5Lethani iminikelo yokulunga, nethembe uJehova.
6Baningi abathi: “Ngubani ozosibonisa okuhle na? Jehova, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.
7Uyithokozisile inhliziyo yami kunesikhathi lapho ukolweni wabo newayini labo kwanda.
8Ngiyakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungivumela ukuba ngihlale ngokulondeka.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 4: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo