AmaHubo 34:8-14
AmaHubo 34:8-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye. Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe, ngokuba abasweli lutho abamesabayo. Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova. Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na? Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge.
AmaHubo 34:8-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yizwani, nibone ukuthi uSimakade muhle; babusisiwe labo abaphephela kuye. Mesabeni uSimakade nina bangcwele bakhe, ngokuba abamesabayo abasweli lutho. Amabhongo amabhubesi ayeswela, alambe, kodwa abafuna uSimakade abayukweswela lutho oluhle. Wozani bantwana, lalelani kimi, ngizonifundisa ukwesaba uSimakade. Ngubani ofisa ukuphila, othanda izinsuku eziningi zokuthokozela okuhle na? Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho ekukhulumeni inkohliso. Gwema okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphokophelele.
AmaHubo 34:8-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe umuntu othembela kuye. Mesabeni uJehova nina bangcwele bayo, ngokuba abasweli abamesabayo. Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe; kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. Wozani, bantwana, ningilalele, nginifundise ukumesaba uJehova. Ngubani lo othanda ukuphila, othanda izinsuku eziningi ukuba abone okuhle, na? Gcina ulimi lwakho ebubini nezindebe zakho enkohliso. Deda ebubini wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphishekele.