AmaHubo 31:1-24

AmaHubo 31:1-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Simakade, ngiphephela kuwe, mangingajabhiswa naphakade, ngikhulule ngokulunga kwakho. Indlebe yakho ibeke kimi, ungikhulule ngokushesha. Yiba yidwala lokuphephela kimi, inqaba eqinileyo engikhosela kuyo. Impela Wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyangihola, ungiqondise. Ngikhiphe ogibeni abangicuphe ngalo, ngokuba Wena uyisiphephelo sami. Umoya wami ngiwubeka esandleni sakho, ungikhululile, Simakade, Nkulunkulu weqiniso. Ngiyabazonda labo abakhonza onkulunkulu abayize, kodwa mina ngethembele kuSimakade. Ngizokwethaba ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami; awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi. Yiba nomusa kimi, Simakade, ngokuba ngisenkathazweni, iso lami liyafiphala ngenxa yosizi, nomphefumulo nomzimba wami. Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile. Ngiyisigcono sazo zonke izitha zami, ingasaphathwa-ke eyomakhelwane bami. Sengiyinto esabisayo kubangani bami. Engihlangana nabo emgwaqweni bayangibalekela. Sebengikhohliwe ezinhliziyweni zabo, senginjengomuntu ofileyo, nesitsha esephukileyo. Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi, nokwesabisa nxazonke. Baceba amacebo okumelana nami; bahlongoza ukungibulala. Kepha mina ngethemba Wena Simakade, ngithi: “Wena unguNkulunkulu wami.” Izikhathi zami zisesandleni sakho, ngikhulule esandleni sezitha zami nakulabo abangizingelayo. Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho, ngomusa wakho ungisindise. Simakade mangingajabhiswa, ngokuba ngikhala kuwe, izikhohlakali mazijabhiswe, ziyiswe kwelabafileyo sezithule. Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa. Yeka ubukhulu bomusa wakho, owulondele labo abakwesabayo, owenzele labo ababalekela kuwe phambi kwabantu. Ubafihla emphemeni wobukhona bakho, ezigungwini zababakhela uzungu. Ubagcina bephephile edokodweni lakho, olimini olumbaxambili. Makabongwe uSimakade, ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo ngesikhathi ngisemzini ovinjezelweyo. Ngenxa yovalo mina ngithe: “Ngixoshiwe phambi kwamehlo akho.” Kepha ukuzwile ukunxusa kwami ngesikhathi ngikhala kuwe. Mthandeni uSimakade nina nonke abamethembayo. USimakade uyabalondoloza abathembekileyo, aziphindiselele kulowo ozidlayo. Qinani, inhliziyo yenu ime isibindi, nina nonke enethembela kuSimakade.

AmaHubo 31:1-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova; mawungangijabhisi naphakade; ngikhulule ngokulunga kwakho. Beka kimi indlebe yakho, ungophule masinyane, ube yidwala eliqinileyo kimi, indlu yezinqaba yokungisindisa. Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyakungihola, ungiqondise. Uyakungikhipha enetheni abangicuphe ngalo, ngokuba wena uyinqaba yami. Ngibeka umoya wami esandleni sakho; uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu othembekayo. Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize, kepha mina ngithemba uJehova. Ngizakwethaba, ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami; awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi. Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngiyahlupheka; iso lami liyafa usizi, nomphefumulo wami nomzimba wami. Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile. Ngenxa yezitha zami zonke sengaba yisihlamba, ikakhulu kubakhelwane bami ngaba ngobesabisayo abangane bami; abangibona endleleni bayangibalekela. Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo; nginjengesitsha esifileyo. Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi ngokwesabisayo nxazonke; besenza icebo ngami bahlosa ukubulala umphefumulo wami. Kepha mina ngithemba wena Jehova; ngithi: “UnguNkulunkulu wami.” Izikhathi zami zisesandleni sakho; ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo. Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho; ngisindise ngomusa wakho. Jehova, mawungangijabhisi, ngokuba ngiyakubiza; mabajabhiswe ababi, bathuliswe endaweni yabafileyo. Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa. Yeka ubukhulu bomusa wakho obagodlele wona abakwesabayo, owenzele bona ababalekela kuwe, phambi kwabantwana babantu. Ubafihla ekusithekeni kobuso bakho ngenxa yezigungu zabantu; ubalondoloza edokodweni ekuxabaneni kwezilimi. Makabongwe uJehova, ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo emzini oqinileyo. Mina-ke ngithe ovalweni lwami: Ngixoshiwe emehlweni akho; nokho walizwa izwi lokunxusa kwami ekukhaleni kwami kuwe. Mthandeni uJehova nina nonke enimkhonzayo; uJehova uyabalondoloza abakholekileyo, amphindisele kakhulu ozidlayo. Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi, nina nonke enithemba uJehova.

AmaHubo 31:1-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyethemba wena Jehova; ungangijabhisi; ngisindise ngokulunga kwakho. Khothamelani kimi; ngisindise masinyane; ube yidwala lami eliqinile, indlu yenqaba yokungisindisa. Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngalokho ngiqondise ngenxa yegama lakho, ungiqondise. Ngikhiphe enetheni abangibekele lona ngasese, ngokuba wena ungamandla ami. Esandleni sakho ngiyawubeka umoya wami; uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu weqiniso. Ngabazonda abalalela okuyize, kodwa ngethemba uJehova. Ngiyakujabula, ngethabe ngomusa wakho, ngokuba ukubonile usizi lwami; Uwazi umphefumulo wami ekuhluphekeni; Futhi awungivalelanga esandleni sesitha; ufaka izinyawo zami ekamelweni elikhulu. Yiba nomusa kimi, Jehova, ngoba ngisosizini; iso lami liphelile usizi, yebo, umphefumulo wami nesisu sami. Ngokuba ukuphila kwami kunosizi neminyaka yami ngokububula; amandla ami aphelile ngobubi bami, namathambo ami aphelile. Ngaba yisihlamba phakathi kwazo zonke izitha zami, ikakhulukazi phakathi komakhelwane bami, nengebhe phakathi kwezihlobo zami; abangibona ngaphandle bangibalekela. Ngikhohliwe njengofileyo enhliziyweni, nginjengesitsha esiphukile. Ngokuba ngizwile ukuhleba kwabaningi; njengoba becebisana ngami, baceba ukususa umphefumulo wami. Kepha mina ngithembele kuwe Jehova; Ngathi: Wena unguNkulunkulu wami. Izikhathi zami zisesandleni sakho; ngikhulule esandleni sezitha zami nakubo abangizingelayo. Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho; ngikhulule ngenxa yomusa wakho. Mangingajabhi, Jehova; ngoba ngikubizile; mabajabhe ababi, bathule eHayidese. Izindebe zamanga mazithuliswe; abakhuluma ngokuzidla nangokudelela abalungileyo. Yeka ubukhulu bobuhle bakho obubekele abakwesabayo; lokho okwenzile kulabo abathembela Kuwe phambi kwabantwana babantu! Kumelwe ubafihle ekusithekeni kobuso bakho ekuziqhenyeni kwabantu; Kufanele uwagcine ngasese endlini yokugezela ekuxabaneni kwezilimi. Makabongwe uJehova, ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo emzini onamandla. Ngokuba ngathi ekuphuthumeni kwami: Nginqunyiwe phambi kwamehlo akho; nokho walizwa izwi lokunxusa kwami lapho ngikhala kuwe. Kumelwe nithande uJehova, nonke nina enibathandayo, ngoba uJehova uyamlondoloza othembekile futhi amvuze ngokuchichimayo owonileyo ozidlayo. Qinani, iqinise inhliziyo yenu, lonke elithemba uJehova.