Simakade, ngiphephela kuwe,
mangingajabhiswa naphakade,
ngikhulule ngokulunga kwakho.
Indlebe yakho ibeke kimi,
ungikhulule ngokushesha.
Yiba yidwala
lokuphephela kimi,
inqaba eqinileyo
engikhosela kuyo.
Impela Wena uyidwala
lami nenqaba yami;
ngenxa yegama lakho
uyangihola,
ungiqondise.
Ngikhiphe ogibeni
abangicuphe ngalo,
ngokuba Wena
uyisiphephelo sami.
Umoya wami ngiwubeka
esandleni sakho,
ungikhululile, Simakade,
Nkulunkulu weqiniso.
Ngiyabazonda labo
abakhonza onkulunkulu abayize,
kodwa mina
ngethembele kuSimakade.
Ngizokwethaba
ngijabule ngomusa wakho,
ngokuba ukubonile
ukuhlupheka kwami,
wazinaka izinsizi
zomphefumulo wami;
awunginikelanga
esandleni sesitha,
wazimisa izinyawo zami
endaweni ebanzi.
Yiba nomusa kimi, Simakade,
ngokuba ngisenkathazweni,
iso lami liyafiphala
ngenxa yosizi,
nomphefumulo
nomzimba wami.
Ngokuba ukuphila kwami
kuphelela osizini,
neminyaka yami ekububuleni;
amandla ami aphelile
ngokona kwami,
namathambo ami ancunzekile.
Ngiyisigcono sazo
zonke izitha zami,
ingasaphathwa-ke
eyomakhelwane bami.
Sengiyinto esabisayo
kubangani bami.
Engihlangana nabo emgwaqweni
bayangibalekela.
Sebengikhohliwe
ezinhliziyweni zabo,
senginjengomuntu ofileyo,
nesitsha esephukileyo.
Ngokuba ngikuzwile
ukuhleba kwabaningi,
nokwesabisa nxazonke.
Baceba amacebo
okumelana nami;
bahlongoza ukungibulala.
Kepha mina
ngethemba Wena Simakade,
ngithi:
“Wena unguNkulunkulu wami.”
Izikhathi zami
zisesandleni sakho,
ngikhulule esandleni
sezitha zami
nakulabo abangizingelayo.
Khanyisa ubuso bakho
phezu kwenceku yakho,
ngomusa wakho ungisindise.
Simakade mangingajabhiswa,
ngokuba ngikhala kuwe,
izikhohlakali mazijabhiswe,
ziyiswe kwelabafileyo
sezithule.
Mazithuliswe izindebe zamanga
ezijivaza olungileyo
ngokuzidla nangokweyisa.
Yeka ubukhulu
bomusa wakho,
owulondele labo abakwesabayo,
owenzele labo
ababalekela kuwe
phambi kwabantu.
Ubafihla emphemeni
wobukhona bakho,
ezigungwini zababakhela uzungu.
Ubagcina bephephile
edokodweni lakho,
olimini olumbaxambili.
Makabongwe uSimakade,
ngokuba ungenzele
umusa wakhe omangalisayo
ngesikhathi ngisemzini
ovinjezelweyo.
Ngenxa yovalo mina ngithe:
“Ngixoshiwe phambi
kwamehlo akho.”
Kepha ukuzwile ukunxusa kwami
ngesikhathi ngikhala kuwe.
Mthandeni uSimakade
nina nonke abamethembayo.
USimakade uyabalondoloza
abathembekileyo,
aziphindiselele kulowo ozidlayo.
Qinani, inhliziyo yenu
ime isibindi,
nina nonke enethembela kuSimakade.