AmaHubo 29:1-11
AmaHubo 29:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide. Mnikeni uJehova nina maqhawe, mnikeni uJehova inkazimulo namandla. Mnikeni uJehova udumo lwegama lakhe; khonza uJehova ebuhleni bobungcwele. Izwi likaJehova liphezu kwamanzi; uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma, uJehova uphezu kwamanzi amaningi. Izwi likaJehova linamandla; izwi likaJehova ligcwele ubukhosi. Izwi likaJehova liyaphula imisedari; yebo, uJehova uyaphula imisedari yaseLebanoni. Futhi uyabenza bagxume njengethole; ILebanoni neSiriyoni njengenyathi encane. Izwi likaJehova lidabula amalangabi omlilo. Izwi likaJehova lizamazamisa ugwadule; uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi. Izwi likaJehova lizalanisa izindluzelekazi, amahlathi abonakaliswe, nasethempelini lakhe, kube yilowo nalowo ngenkazimulo yakhe. INkosi ihlezi phezu kukazamcolo; yebo, uJehova ubusa kuze kube phakade. UJehova uyakunika abantu bakhe amandla; uJehova uyakubusisa abantu bakhe ngokuthula.
AmaHubo 29:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Mnikeni udumo uSimakade, nina zidalwa zezulu. Mnikeni uSimakade udumo, inkazimulo namandla. Mnikeni uSimakade udumo olufanele igama lakhe, mdumiseni uSimakade ebukhazikhazini bakhe obungcwele. Izwi likaSimakade liphezu kwamanzi, uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma; uSimakade uphezu kwamanzi amaningi. Izwi likaSimakade linamandla. Izwi likaSimakade liyinkazimulo. Izwi likaSimakade lephula imisedari; uSimakade uphoqoza imisedari eLebhanoni. ILebhanoni alenze litshekule njengenkonyane, neSiriyoni, njengethole lenyathi. Izwi likaSimakade lidlalisela kugqamuke amalangabi. Izwi likaSimakade lizamazamisa ihlane, uSimakade unyakazisa ihlane; uSimakade unyakazisa ihlane eKadeshi. Izwi likaSimakade liphunzisa izimbabala; liphundla amahlathi, konke okusethempelini lakhe kuthi: “Udumo!” USimakade uhleli phezu kwezikhukhula, uSimakade uyiNkosi, ubusa kuze kube phakade. USimakade uzokupha abantu bakhe amandla. USimakade uzobusisa isizwe sakhe ngokuthula.
AmaHubo 29:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Mnikeni uJehova, nina madodana kaNkulunkulu, mnikeni uJehova udumo namandla. Mnikeni uJehova udumo lwegama lakhe, nikhuleke kuJehova emvunulweni engcwele. Izwi likaJehova liphezu kwamanzi, uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma; uJehova uphezu kwamanzi amakhulu. Izwi likaJehova linamandla; izwi likaJehova linenkazimulo. Izwi likaJehova liyaphula imisedari;* uJehova waphula imisedari yaseLebanoni. ILebanoni ulitshekulisisa okwenkonyane, neSiriyoni njengethole lenyathi. Izwi likaJehova lidabula amalangabi omlilo. Izwi likaJehova lizamazamisa ihlane; uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi. Izwi likaJehova liphunzisa izimbabala; lihluba amahlathi; nasethempelini lakhe konke kuthi: “Udumo!” UJehova wayehlezi ebusa phezu kukazamcolo; uJehova uhlezi eyinkosi kuze kube phakade. UJehova uzakunika abantu bakhe amandla; uJehova uzakubusisa abantu bakhe ngokuthula.