AmaHubo 29

29
Izwi likaJehova esivunguvungwini
Ihubo likaDavide.
1 Mnikeni uJehova,
nina madodana kaNkulunkulu,
mnikeni uJehova udumo namandla.
2Mnikeni uJehova udumo lwegama lakhe,
nikhuleke kuJehova emvunulweni engcwele.
3 Izwi likaJehova liphezu kwamanzi,
uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma;
uJehova uphezu kwamanzi amakhulu.
4Izwi likaJehova linamandla;
izwi likaJehova linenkazimulo.
5Izwi likaJehova liyaphula imisedari;*
uJehova waphula imisedari yaseLebanoni.
6ILebanoni ulitshekulisisa okwenkonyane,
neSiriyoni njengethole lenyathi.
7Izwi likaJehova lidabula amalangabi omlilo.
8Izwi likaJehova lizamazamisa ihlane;
uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi.
9Izwi likaJehova liphunzisa izimbabala;
lihluba amahlathi;
nasethempelini lakhe konke kuthi: “Udumo!”
10 UJehova wayehlezi ebusa phezu kukazamcolo;
uJehova uhlezi eyinkosi kuze kube phakade.
11 UJehova uzakunika abantu bakhe amandla;
uJehova uzakubusisa abantu bakhe ngokuthula.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 29: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo