AmaHubo 145:1-21
AmaHubo 145:1-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyakuphakamisa Wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade. Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade. USimakade mkhulu, umelwe ukudunyiswa kakhulu, ubukhulu bakhe abuqondakali. Isizukulwane siyakuyibabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla. Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakho nangezimangaliso zakho. Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo, ubukhulu bakho ngiyakubumemezela. Bayakugubha umkhosi bekhumbula ubuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho. USimakade unobubele nobumnene, uyephuza ukuthukuthela, unomusa omkhulu. USimakade muhle kubo bonke, uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke. Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, abathembekileyo bakho bakubonge. Bayokhuluma ngenkazimulo yombuso wakho, ukuze babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho. Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade, ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane. USimakade uyabaphasa bonke abawayo, abaphakamise bonke abathotshisiweyo. Amehlo abo bonke alinda Wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso. Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo. USimakade ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke. USimakade useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambiza ngeqiniso. Usuthisa ukufisa kwabamesabeyo, uyakuzwa ukukhala kwabo, abasindise. USimakade uyabavikela abamthandayo, kodwa zonke izikhohlakali uyozibhubhisa. Umlomo wami uyokhuluma ngodumo lukaSimakade, abantu bonke babonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.
AmaHubo 145:1-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade. Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade. Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; ubukhulu bakhe abuphenyisiseki. Isizukulwane siyakubabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla. Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakho nangezimangaliso zakho. Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo; ubukhulu bakho ngiyakubumemezela. Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho. UJehova unesihe nobumnene; uyephuza ukuthukuthela, mkhulu ngomusa. UJehova muhle kubo bonke; uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke. Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, abangcwele bakho bakubonge. Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma, bashumayele ngamandla akho ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho. Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade; ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane. UJehova uyaphasa bonke abawayo, abavuse bonke abathotshisiweyo. Amehlo abo bonke alinda wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso. Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo. UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke. UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambizayo ngeqiniso. Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise. UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo, kepha ababi bonke uyakubabhubhisa. Umlomo wami uyakukhuluma udumo lukaJehova, inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.
AmaHubo 145:1-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
(Ihubo lokudumisa likaDavide.) Ngiyakukubonga, Nkulunkulu wami, nkosi; ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade naphakade. Ngizokubusisa izinsuku zonke; ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade naphakade. UJehova mkhulu futhi kufanele adunyiswe kakhulu; nobukhulu bakhe abunakulinganiswa. Isizukulwane siyakuncoma kwesinye isenzo sakho, simemezele izenzo zakho zamandla. Ngiyakukhuluma ngenkazimulo yobukhosi bakho nezimangaliso zakho. Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo, ngimemezele ubukhulu bakho. Bayakumemezela phakathi kwezixuku isikhumbuzo sokulunga kwakho okukhulu, bahubele ngokulunga kwakho. UJehova unomusa nesihawu; wephuza ukuthukuthela, mkhulu ngesihawu. UJehova muhle kubo bonke, umusa wakhe uphezu kwayo yonke imisebenzi yakhe. Yonke imisebenzi yakho iyokudumisa, Jehova; nabangcwele bakho bayokubusisa. Bayakukhuluma ngenkazimulo yombuso wakho, bakhulume ngamandla akho; ukuze babazise abantwana babantu izenzo zakhe zamandla nobukhosi benkazimulo yombuso wakhe. Umbuso wakho ungumbuso waphakade, nombuso wakho uzizukulwane ngezizukulwane. UJehova uyabasekela bonke abawayo, uyabavusa bonke abathotshisiweyo. Amehlo abo bonke abheke wena; futhi Wabanika ukudla ngesikhathi esifanele. Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo. UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, ungcwele emisebenzini yakhe yonke. UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambiza ngeqiniso. Uzakwenza okufiswa ngabamesabayo; Futhi uyokuzwa ukukhala kwabo futhi abasindise. UJehova uyabavikela bonke abamthandayo, kodwa bonke ababi uzakubabhubhisa. Umlomo wami uyakumemezela udumo lukaJehova, inyama yonke ilidumise igama lakhe elingcwele kuze kube phakade naphakade.