AmaHubo 142:1-7
AmaHubo 142:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
IMaskili likaDavide, umkhuleko esemhumeni. Ngambiza uJehova ngezwi lami; ngezwi lami kuJehova ngiyamncenga. Ngathulula isikhalo sami phambi kwakhe; Ngakhombisa umzamo wami phambi kwakhe. Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena wayazi indlela yami. Endleleni engangihamba ngayo bangibekela ugibe ngasese. Ngabheka ngakwesokunene sami, ngabona, kepha kwakungekho muntu ongangazi; akakho onakekela umphefumulo wami. Ngakhala kuwe, Nkosi, ngathi: Wena uyisiphephelo sami lesabelo sami elizweni labaphilayo. Lalela ukukhala kwami; ngokuba ngithotshisiwe kakhulu; ngikhulule kwabangizingelayo; ngoba banamandla kunami. Khipha umphefumulo wami etilongweni, ngidumise igama lakho; abalungileyo bayongihaqa; ngoba uzangenzela umusa.
AmaHubo 142:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngezwi lami ngikhala kuSimakade, ngezwi lami nginxusa uSimakade. Isikhalo sami ngisithulula phambi kwakhe, ngimtshela ngenhlupheko yami. Lapho umphefumulo wami udangala, Wena uyayazi indlela yami, endleleni engihamba ngayo, bangithukusele ugibe. Bheka ngakwesokunene sami, uyabona, akukho namunye onginakekelayo, angisenasiphephelo, akekho osawukhathalela umphefumulo wami. Ngikhala kuwe Simakade, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.” Kulalele ukukhala kwami, ngokuba ngicindezeleke kakhulu, ungihlenge kwabangizingelayo, ngoba banamandla kunami. Umphefumulo wami ukhulule ejele, ukuze ngibonge iGama lakho. Abalungileyo bayongizungeza, ngoba uzongiphatha kahle.
AmaHubo 142:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami, ngincenga uJehova ngezwi lami. Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami, ngibonakalisa kuye inhlupheko yami. Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena uyawazi umkhondo wami; endleleni engihamba ngayo bangifihlele ugibe. Bheka ngakwesokunene sami, ubone ukuthi akakho onginakekelayo; isiphephelo singiphuthele, akakho okhathalela umphefumulo wami. Ngikhala kuwe Jehova, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.” Lalela ukukhala kwami, ngokuba ngicindezelekile kakhulu; ngikhulule kubo abangizingelayo, ngokuba banamandla kunami. Khipha umphefumulo wami etilongweni ukuba ngibonge igama lakho; abalungileyo bayakungizungeza, ngokuba uyakungiphatha kahle.