AmaHubo 140:1-13
AmaHubo 140:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngikhulule, Jehova, kumuntu omubi, ngilondoloze kumuntu oyisidlwangudlwangu. Baceba okubi enhliziyweni yabo; izinsuku zonke baviva impi. Bayalola ulimi lwabo njengenyoka; isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela* Ngilondoloze ezandleni zomubi, ngilinde kumuntu oyisidlwangudlwangu, oceba ukukhuba izinyawo zami. Abazidlayo bangifihlela ugibe; ngezintambo bendlala inetha; eceleni kwendlela bangibekela izihibe. Sela* Ngathi kuJehova: “UnguNkulunkulu wami wena.” Yizwa, Jehova, izwi lokunxusa kwami. Jehova Nkosi yami, mandla ensindiso yami, uvikela ikhanda lami ngosuku lokulwa. Ungazivumeli, Jehova, izifiso zababi; ungaphumelelisi amacebo abo, funa baziphakamise. Sela* Maqondana nesihlungu sabangizungezayo mabambozwe ngububi bomlomo wabo. Amalahle ashisayo mawawele phezu kwabo; mabaphonswe emlilweni nasemigodini ejulileyo, bangabe besavuka. Umuntu wamanga makangamiswa emhlabeni; ububi mabuzingele umuntu oyisidlwangudlwangu, abhujiswe. Ngiyazi ukuthi uJehova uyakumela udaba lohluphekayo nokufaneleyo kwabampofu. Impela abalungileyo bayakubonga igama lakho; abaqotho bayakuhlala ebusweni bakho.
AmaHubo 140:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Simakade, ngikhulule kumuntu omubi, ungivikele kumuntu oyisidlova. Baceba okubi emiqondweni yabo, njalo baphehla udweshu. Ulimi lwabo balulola lukhaliphe njengolwenyoka, isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela Ngivikele ezandleni zomubi, ungilonde kumuntu oyisidlova, oceba ukukhubekisa izinyawo zami. Abazidlayo bangithukusele ugibe, ngezintambo bendlala inetha, eceleni kwendlela, bangibekela izihibe. Sela Ngathi kuSimakade: “Wena, unguNkulunkulu wami.” Simakade, yizwa izwi lokunxusa kwami. Simakade, Nkosi yami, mandla ensindiso yami, uvikela ikhanda lami ngosuku lwempi. Simakade, ungazivumeli izifiso zezikhohlakali, ungawaphumelelisi amacebo azo, funa zizikhukhumeze. Sela Abangibunganyele mabasibekelwe ngububi bomlomo wabo. Amalahle ashisayo mawawele phezu kwabo, mabaphonswe emlilweni nasemigodini ejulileyo, bangabe besavuka. Umuntu ohlebayo makangavunyelwa asimame emhlabeni, ububi mabusilandele isidlova, sibhujiswe. Ngiyazi ukuthi uSimakade uyabamela abahluphekayo, abehlulele ngobulungiswa abampofu. Impela abalungileyo bayolibonga iGama lakho; abaqotho bayohlala phambi kwakho.
AmaHubo 140:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Ngikhulule, Jehova, kumuntu omubi; ngivikele kumcindezeli; elimele ububi enhliziyweni yabo; njalo babuthelwa impi. Balola ulimi lwabo njengenyoka; isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela. Ngisindise, Jehova, esandleni sababi; ngivikele kumcindezeli; ababehlose ukuketula ukuhamba kwami. Abazidlayo bangifihlele ugibe nezintambo; beneka inetha endleleni; bangifakela igin. Sela. Ngathi kuJehova: “Wena unguNkulunkulu wami; yizwa izwi lokunxusa kwami, Jehova; Jehova, mandla ensindiso yami, wasibekela ikhanda lami ngosuku lwempi. Unganiki, Jehova, izifiso zomubi; lingasekho icebo lakhe elibi; ukuze bangaziphakamisi. Sela. Ikhanda labangihaqileyo makubemboze ububi bezindebe zabo. Amalahle avuthayo mawawele phezu kwabo; mabaphonswe emlilweni; emigodini ejulileyo, ukuze bangabe besavuka. Makungabikho mhlebi oqiniswa emhlabeni; okubi kuyakuzingela umcindezeli ukuba ambhubhise. Ngiyazi ukuthi uJehova uyakumela udaba lompofu nokulunga kwabampofu. Impela abalungileyo bayakulidumisa igama lakho; abaqotho bayakuhlala phambi kwakho.