AMahubo 140:1-13

AMahubo 140:1-13 ZUL20

Simakade, ngikhulule kumuntu omubi, ungivikele kumuntu oyisidlova. Baceba okubi emiqondweni yabo, njalo baphehla udweshu. Ulimi lwabo balulola lukhaliphe njengolwenyoka, isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela Ngivikele ezandleni zomubi, ungilonde kumuntu oyisidlova, oceba ukukhubekisa izinyawo zami. Abazidlayo bangithukusele ugibe, ngezintambo bendlala inetha, eceleni kwendlela, bangibekela izihibe. Sela Ngathi kuSimakade: “Wena, unguNkulunkulu wami.” Simakade, yizwa izwi lokunxusa kwami. Simakade, Nkosi yami, mandla ensindiso yami, uvikela ikhanda lami ngosuku lwempi. Simakade, ungazivumeli izifiso zezikhohlakali, ungawaphumelelisi amacebo azo, funa zizikhukhumeze. Sela Abangibunganyele mabasibekelwe ngububi bomlomo wabo. Amalahle ashisayo mawawele phezu kwabo, mabaphonswe emlilweni nasemigodini ejulileyo, bangabe besavuka. Umuntu ohlebayo makangavunyelwa asimame emhlabeni, ububi mabusilandele isidlova, sibhujiswe. Ngiyazi ukuthi uSimakade uyabamela abahluphekayo, abehlulele ngobulungiswa abampofu. Impela abalungileyo bayolibonga iGama lakho; abaqotho bayohlala phambi kwakho.