AmaHubo 14:1-7
AmaHubo 14:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akekho uNkulunkulu.” Bonakele, benza okunengekayo, akekho owenza okuhle. USimakade uyababuka abantwana babantu esezulwini, ukubona ukuthi ukhona yini ohlakaniphileyo, ofuna uNkulunkulu. Bonke baphambukile, bonke bonakele; akekho owenza okuhle, akukho namunye. Abaqondi lutho bonke abenza okubi, abadla abantu bami sengathi badla isinkwa, bengakhuleki kuSimakade. Bazoba nokwesaba okukhulu, ngoba uNkulunkulu umi naso isizukulwane sabalungileyo. Niyaliphambanisa icebo lohluphekileyo, kodwa uSimakade uyisiphephelo sakhe. Sengathi kungavela eZiyoni, lowo oyakusindisa u-Israyeli. Mhla uSimakade ephinda ebuyisa abantu bakhe ekuthunjweni, uJakobe makajabule, u-Israyeli athokoze.
AmaHubo 14:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bakhohlakele, benze izinto ezinyantisayo, akekho owenza okuhle. UJehova wabuka esezulwini abantwana babantu ukuba abone ukuthi ukhona yini oqondayo nofuna uNkulunkulu. Bonke basuka, bangcola bonke kanyekanye; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. Bonke abenzi bokubi abanakwazi na? abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuJehova. Kwaba khona ukwesaba okukhulu kubo, ngokuba uNkulunkulu usesizukulwaneni sabalungileyo. Ujabhile isiluleko sompofu, ngokuba uJehova uyisiphephelo sakhe. O, ukube ukusindiswa kuka-Israyeli bekuvela eSiyoni! lapho uJehova ebuyisela isabelo sabantu bakhe, uJakobe uyakuthokoza, no-Israyeli ajabule.
AmaHubo 14:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akakho uNkulunkulu.” Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo; akakho owenza okuhle. UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna uNkulunkulu. Baphambukile bonke, bonakele bonke; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi, abadla abantu bami, njengokuba bedla isinkwa, bangakhuleki kuJehova, na? Khona besaba nokwesaba, ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo. Icebo lohluphekileyo niyalijabhisa, kepha uJehova uyisiphephelo sakhe. Sengathi ukusindiswa kuka-Israyeli kungavela eSiyoni. Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabantu bakhe uJakobe uyakwethaba, u-Israyeli ajabule.