Amahubo 14

14
Amahubo 14
UJehova wabheka emhlabeni esezulwini ukuba abone ukuthi ukhona yini oqondayo nofuna uNkulunkulu
1Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bakhohlakele, benze izinto ezinyantisayo, akekho owenza okuhle.
2UJehova wabuka esezulwini abantwana babantu ukuba abone ukuthi ukhona yini oqondayo nofuna uNkulunkulu.
3Bonke basuka, bangcola bonke kanyekanye; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.
4Bonke abenzi bokubi abanakwazi na? abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuJehova.
5Kwaba khona ukwesaba okukhulu kubo, ngokuba uNkulunkulu usesizukulwaneni sabalungileyo.
6Ujabhile isiluleko sompofu, ngokuba uJehova uyisiphephelo sakhe.
7O, ukube ukusindiswa kuka-Israyeli bekuvela eSiyoni! lapho uJehova ebuyisela isabelo sabantu bakhe, uJakobe uyakuthokoza, no-Israyeli ajabule.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 14: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume