AmaHubo 137:1-9
AmaHubo 137:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngasemifuleni eBhabhele sahlala khona, sakhala, lapho sikhumbula iZiyoni. Amahabhu ethu sawaphanyeka eminyezaneni eyayilapho. Ngokuba ababesithumbile bacela ukuba sihlabelele ihubo, nabahluphi bethu bafuna ukujatshuliswa, bethi: “Sihlabeleleleni amanye amahubo aseZiyoni.” Siyakulihlabelela kanjani ihubo likaSimakade sikwelinye izwe na? Uma ngikhohlwa wena Jerusalema, isandla sami sokunene masikhohlwe ubuciko baso. Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami, uma ngingakukhumbuli, uma ngingaphakamisi iJerusalema phezu kwentokozo yami enkulu. Khumbula, Simakade, usuku lweJerusalema, ngenxa yabakwa-Edomi, abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.” Ndodakazi yaseBhabhele, wena oyobhujiswa, ubusisiwe oyophindisela kuwe ngezenzo zakho owazenza kithina. Ubusisiwe obamba izingane zakho aziphahlaze edwaleni.
AmaHubo 137:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngasemifuleni yaseBabele sahlala khona, sakhala, lapho sikhumbula iSiyoni. Amahabhu* ethu sawaphanyeka eminyezaneni ephakathi kwalo. Ngokuba abasithumbileyo bacela ukuba sihlabelele igama, nabahluphi bethu bafuna injabulo, bethi: “Sihlabeleleni elinye lamagama aseSiyoni.” Siyakuhlabelela kanjani ihubo likaJehova kwelinye izwe na? Uma ngikhohlwa wena Jerusalema, masizikhohlwe isandla sami sokunene. Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami, uma ngingakukhumbuli, uma ngingaphakamisi iJerusalema phezu kwentokozo yami enkulu. Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema, ngenxa yabantwana bakwa-Edomi abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.” Ndodakazi yaseBabele, wena oyakubhujiswa, ubusisiwe oyakuphindisela kuwe izenzo zakho owazenza kithina. Ubusisiwe oyakubamba abancane bakho, abaphahlaze edwaleni.
AmaHubo 137:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngasemifuleni yaseBabele lapho sahlala khona, yebo, sakhala, lapho sikhumbula iSiyoni. Izintambo zethu sazilengisa emizaneni phakathi kwawo. Ngokuba lapho abasithumbileyo basibiza ihubo; nabasichithayo bafuna intokozo yethu, bathi: Sihlabeleleni elinye lamahubo aseZiyoni. Singahlabelela kanjani isihlabelelo sikaJehova ezweni labezizwe na? Uma ngikukhohlwa, Jerusalema, isandla sami sokunene masikhohlwe ubuqili bayo. Uma ngingakunaki, ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami; uma ngingalikhethi iJerusalema ngaphezu kwentokozo yami enkulu. Khumbula, Jehova, abantwana bakwa-Edomi ngosuku lweJerusalema; owathi: Dilili, lihlukanise, kuze kube sesisekelo salo. O ndodakazi yaseBabele, okumelwe ubhujiswe; uyajabula onivuza njengalokho nisikhonze. Uyobusiswa lowo ophahlaza abancane bakho ematsheni.