AmaHubo 136:1-4
AmaHubo 136:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bongani uSimakade, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Bongani uNkulunkulu wonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade; yona yodwa eyenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade
AmaHubo 136:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade; yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade
AmaHubo 136:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Dumisani uJehova; ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Dumisani uNkulunkulu wawonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Dumisani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade. Kuye yedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.