AmaHubo 128:1-4
AmaHubo 128:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ubusisiwe wonke umuntu owesaba uSimakade, ohamba ngezindlela zakhe. Uyakudla okwezikhwepha zakho, ubusiseke, ube nempumelelo. Umkakho uyakuba njengomvini othelayo emzini wakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bahlale bazungeze itafula lakho. Ngokuba iyobusiswa kanjalo indoda emesabayo uSimakade.
AmaHubo 128:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe. Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo. Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho. Ngokuba bheka, kanjalo iyakubusiswa indoda emesabayo uJehova.
AmaHubo 128:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
(Ihubo.) Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova; abahamba ngezindlela zakhe. Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uzojabula, futhi uzophila. Umkakho uyakuba njengomvini othelayo phakathi kwendlu yakho: abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo bezungeza itafula lakho. Bhekani, kanjalo umuntu owesaba uJehova uyakubusiswa.