AmaHubo 106:19-23
AmaHubo 106:19-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Babumba ithole eHorebhe, bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo. Baguqula inkazimulo kaNkulunkulu, bayifanisa nenkabi edla utshani. Bakhohlwa nguNkulunkulu, uMsindisi wabo, owayenze izinto ezinkulu eGibhithe, izimangaliso ezweni lika-Hamu, nokwesabekayo ngasoLwandle Lomhlanga. Wayesethe uzobabhubhisa, ukuba uMose okhethiweyo wakhe, akemanga phambi kwakhe wabakhulumela, ukuze adambise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.
AmaHubo 106:19-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Benza ithole eHorebe; bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo. Baguqula kanjalo inkazimulo yabo, yaba njengenkabi edla utshani. Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe, izimangaliso ezweni likaHamu nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu. Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.
AmaHubo 106:19-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Benza ithole eHorebe, bakhuleka esithombeni esibunjiweyo. Baguqula inkazimulo yabo yaba njengenkabi edla utshani. Bakhohlwa uNkulunkulu, umsindisi wabo, owenza izinto ezinkulu eGibithe; Izimangaliso ezweni likaHamu nezinto ezesabekayo oLwandle Olubomvu. Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi.