AmaHubo 103:1-12
AmaHubo 103:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, konke okungaphakathi kimi makulibonge igama lakhe elingcwele. Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, ungaze wakhohlwa yimisebenzi yakhe yonke yomusa, Yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho, okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, okuqhelisa ngomusa nangobubele, osuthisa ukulangazelela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi. USimakade ubenzela bonke abacindezelweyo ukulunga nobulungiswa. Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantu bakwa-Israyeli, izenzo zakhe. USimakade unobubele nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa. Akathethi njalonjalo, akayigcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, uzidedise kangako iziphambeko zethu.
AmaHubo 103:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele. Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa, yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho; okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, okuqhelisa ngomusa nangobubele; osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi. UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo ukulunga nokwahlulela. Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe. UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. Akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.
AmaHubo 103:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele. Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yomusa wayo. Yena othethelela zonke iziphambeko zakho; owelapha zonke izifo zakho; Ohlenga ukuphila kwakho ekubhujisweni; okuthwesa umusa nesihe; Ogcwalisa umlomo wakho ngezinto ezinhle; ukuze ubusha bakho buvuselelwe njengokhozi. UJehova wenza ubulungisa nobulungisa kubo bonke abacindezelwayo. Wamazisa uMose izindlela zakhe, nezenzo zakhe kubantwana bakwa-Israyeli. UJehova unesihe, unomusa, uyabekezela, uchichima umusa. Akayikuxabana njalo, akayikugcina intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akenzanga kithi njengokwezono zethu; futhi akasibuyiselanga njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe kwabamesabayo. Njengoba impumalanga iqhelelene nentshonalanga, udedisela kude iziphambeko zethu kithi.