AmaHubo 10:11-18
AmaHubo 10:11-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wathi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe; Uyafihla ubuso bakhe; akasoze ayibona. Vuka, Jehova; O Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho; ningabakhohlwa abathobekileyo. Kungani ababi bedelela uNkulunkulu? wathi enhliziyweni yakhe: Kawuyikufuna. Wena wakubona; ngokuba ubona ububi nobubi ukuba ukuphindise ngakho ngesandla sakho; abampofu bayazinikela kuwe; ungumsizi wentandane. Uyaphula ingalo yomubi kanye nomubi; funani ububi bakhe, nize ningabufumani. UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; izizwe zabhubha ezweni lakhe. Nkosi, uzwile isifiso sabathobekileyo; Uyakulungisa inhliziyo yabo, wenze indlebe yakho izwe. Ukwahlulela izintandane nabacindezelweyo, ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esacindezela.
AmaHubo 10:11-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Siyacabanga sithi enhliziyweni yaso: “UNkulunkulu akanakile, akabhekile ngakimi, futhi ngeke angibone.” Simakade Nkulunkulu, yima ngomumo! Bonakalisa amandla akho, ungamkhohlwa osekuhluphekeni. Nkulunkulu, kungani ukuba isikhohlakali sikwedelele sicabange sithi: “Ngeke wangenza lutho,” na? Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo. Nqamula imisipha yengalo yesonakali, ujezise ababi ngenkohlakalo yabo, iphele ingabe isaphushwa nakuphushwa! USimakade uyobusa ingunaphakade, abezizwe babhujiswe ezweni lakho. Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo; umela izintandane nabacindezelweyo, ukuze kungabi bikho namunye emhlabeni, ozoba yingozi komunye.
AmaHubo 10:11-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Uthi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe, ubusithezile ubuso bakhe; akasoze wakubona nanini.” Vuka, Jehova! Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho, ungakhohlwa abahluphekileyo. Kungani ukuba omubi adelele uNkulunkulu, athi enhliziyweni yakhe: “Awuyikukunaka,” na? Ubonile wena; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena ukuze ukubeke esandleni sakho; othithibeleyo uyazinikela kuwe; wena ungumsizi wentandane. Yaphula ingalo yomubi; buphenyisise ububi besoni, ukuze ungabe usabufumana. UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe. Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene; uyaqinisa inhliziyo yabo, indlebe yakho uyibeka kubo ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo, ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.