AMahubo 10

10
Ukubhujiswa Kwababi
1Simakade, kungani umele kude na?
Uzifihlelani ngezikhathi zokuhlupheka na?
2Ngokuqhosha, ababi bahlupha abampofu.
Mababanjwe emacebeni abawacebileyo.
3Isikhohlakali siyazigabisa ngokufiswa yinhliziyo yaso.
Abanomhobholo bayaqanganisa,
bedelela uSimakade.
4Isikhohlakali siyazigqaja,
asifuni ukubuyela kuwe,
ngisho nje ukuba sicabange ngawe.
5Izindlela zaso zethembekile izikhathi zonke;
izehlulelo zakho ziphakeme kakhulu
kunokubona kwaso;
zonke izitha zaso uyazidelela.
6Enhliziyweni yaso sizindla sithi:
“Angisoze ngazanyazanyiswa,
izizukulwane ngezizukulwane,
angisoze ngahlupheka.”
7Umlomo waso ugcwele iziqalekiso,
inkohliso nencindezelo;
phansi kolimi lwaso kukhona ukuganga nobubi.
8Silala unyendle emizini,
ezindaweni ezinamathunzi,
ukuze sibulale ongenacala;
amehlo aso abheke labo abangenamandla.
9Sicuthisa okwebhubesi elilambile ehlozini,
sethembe ukubamba ohluphekileyo,
simhudulele ogibeni lwaso.
10Siyakhokhoba,
simnyonyobele,
simshaye phansi ngamandla aso.
11Siyacabanga sithi enhliziyweni yaso:
“UNkulunkulu akanakile,
akabhekile ngakimi,
futhi ngeke angibone.”
12Simakade Nkulunkulu, yima ngomumo!
Bonakalisa amandla akho,
ungamkhohlwa osekuhluphekeni.
13Nkulunkulu, kungani ukuba isikhohlakali
sikwedelele sicabange sithi:
“Ngeke wangenza lutho,” na?
14Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini,
wenze okuthile ngaye.
Abampofu bangethembela kuwe,
nezintandane ngokunjalo.
15Nqamula imisipha yengalo yesonakali,
ujezise ababi ngenkohlakalo yabo,
iphele ingabe isaphushwa nakuphushwa!
16USimakade uyobusa ingunaphakade,
abezizwe babhujiswe ezweni lakho.
17Simakade, uyakuzwa ukukhala
kokulangazelela kwabahluphekileyo.
Ubanikeza ithemba,
bese ukulalela ukukhala kwabo
becela usizo;
18umela izintandane nabacindezelweyo,
ukuze kungabi bikho namunye emhlabeni,
ozoba yingozi komunye.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 10: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume