AmaHubo 10:1-18

AmaHubo 10:1-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Simakade, kungani umele kude na? Uzifihlelani ngezikhathi zokuhlupheka na? Ngokuqhosha, ababi bahlupha abampofu. Mababanjwe emacebeni abawacebileyo. Isikhohlakali siyazigabisa ngokufiswa yinhliziyo yaso. Abanomhobholo bayaqanganisa, bedelela uSimakade. Isikhohlakali siyazigqaja, asifuni ukubuyela kuwe, ngisho nje ukuba sicabange ngawe. Izindlela zaso zethembekile izikhathi zonke; izehlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwaso; zonke izitha zaso uyazidelela. Enhliziyweni yaso sizindla sithi: “Angisoze ngazanyazanyiswa, izizukulwane ngezizukulwane, angisoze ngahlupheka.” Umlomo waso ugcwele iziqalekiso, inkohliso nencindezelo; phansi kolimi lwaso kukhona ukuganga nobubi. Silala unyendle emizini, ezindaweni ezinamathunzi, ukuze sibulale ongenacala; amehlo aso abheke labo abangenamandla. Sicuthisa okwebhubesi elilambile ehlozini, sethembe ukubamba ohluphekileyo, simhudulele ogibeni lwaso. Siyakhokhoba, simnyonyobele, simshaye phansi ngamandla aso. Siyacabanga sithi enhliziyweni yaso: “UNkulunkulu akanakile, akabhekile ngakimi, futhi ngeke angibone.” Simakade Nkulunkulu, yima ngomumo! Bonakalisa amandla akho, ungamkhohlwa osekuhluphekeni. Nkulunkulu, kungani ukuba isikhohlakali sikwedelele sicabange sithi: “Ngeke wangenza lutho,” na? Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo. Nqamula imisipha yengalo yesonakali, ujezise ababi ngenkohlakalo yabo, iphele ingabe isaphushwa nakuphushwa! USimakade uyobusa ingunaphakade, abezizwe babhujiswe ezweni lakho. Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo; umela izintandane nabacindezelweyo, ukuze kungabi bikho namunye emhlabeni, ozoba yingozi komunye.

AmaHubo 10:1-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Jehova, umeleni kude na? Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na? Ngokuqhosha komubi ompofu uyahlupheka; mababanjwe ngamacebo abawacebileyo. Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe, nohulazayo uyamvalelisa, amdelele uJehova. Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi: “Akanaki lutho; akakho uNkulunkulu,” injalo imicabango yakhe yonke. Izindlela zakhe zithembekile izikhathi zonke; izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe; zonke izitha zakhe uyazidelela. Uthi enhliziyweni yakhe: “Angiyikuzanyazanyiswa; izizukulwane nezizukulwane angisoze ngehlelwa ngozi.” Umlomo wakhe ugcwele isiqalekiso nenkohliso nobudlova; ngaphansi kolimi lwakhe kukhona ukwelelesa nokonakala. Uhlezi ezindaweni zokuqamekela zemizi; ezindaweni ezisithekileyo uyambulala ongenacala; amehlo akhe ayamhlwaya othithibeleyo. Endaweni esithekileyo uqamekela njengengonyama emphandwini wayo; uhlomele ukumbamba ohluphekileyo; uyambamba ohluphekileyo ngokumngenisa esihibeni sakhe. Uyanyonyoba, uyakhothama, abathithibeleyo bawe ngamazipho akhe. Uthi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe, ubusithezile ubuso bakhe; akasoze wakubona nanini.” Vuka, Jehova! Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho, ungakhohlwa abahluphekileyo. Kungani ukuba omubi adelele uNkulunkulu, athi enhliziyweni yakhe: “Awuyikukunaka,” na? Ubonile wena; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena ukuze ukubeke esandleni sakho; othithibeleyo uyazinikela kuwe; wena ungumsizi wentandane. Yaphula ingalo yomubi; buphenyisise ububi besoni, ukuze ungabe usabufumana. UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe. Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene; uyaqinisa inhliziyo yabo, indlebe yakho uyibeka kubo ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo, ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.

AmaHubo 10:1-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Jehova, umeleni kude na? nicashelani ngezikhathi zokuhlupheka na? Omubi ngokuzigqaja kwakhe uyazingela ompofu; mababanjwe ngamasu abawaqambile. Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa kwenhliziyo yakhe, abusise ohahayo, uJehova amzondayo. Omubi akayikumfuna uNkulunkulu ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe; uNkulunkulu akekho kuyo yonke imicabango yakhe. Izindlela zakhe zinzima njalo; izahlulelo zakho zikude nobuso bakhe; zonke izitha zakhe, Uzivuthela phezu kwazo. Wathi enhliziyweni yakhe: “Angiyikunyakaziswa, ngokuba angiyikuba sebubini kuze kube phakade.” Umlomo wakhe ugcwele isiqalekiso nenkohliso nenkohliso; ngaphansi kolimi lwakhe kukhona okubi nokubi. Uhlezi eziphepheni zemizi; ekucashile uyabulala ongenacala; amehlo akhe aphezu kwabampofu. Uqamekela njengengonyama emphandwini wayo; uqamekela ukubamba abampofu; uyabamba ompofu lapho emdonsela enetheni lakhe. Uyaguqa futhi uyazithoba, ukuze ompofu awe kanye namandla akhe. Wathi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe; Uyafihla ubuso bakhe; akasoze ayibona. Vuka, Jehova; O Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho; ningabakhohlwa abathobekileyo. Kungani ababi bedelela uNkulunkulu? wathi enhliziyweni yakhe: Kawuyikufuna. Wena wakubona; ngokuba ubona ububi nobubi ukuba ukuphindise ngakho ngesandla sakho; abampofu bayazinikela kuwe; ungumsizi wentandane. Uyaphula ingalo yomubi kanye nomubi; funani ububi bakhe, nize ningabufumani. UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade; izizwe zabhubha ezweni lakhe. Nkosi, uzwile isifiso sabathobekileyo; Uyakulungisa inhliziyo yabo, wenze indlebe yakho izwe. Ukwahlulela izintandane nabacindezelweyo, ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esacindezela.