IzAga 9:9-12
IzAga 9:9-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Siphe isihlakaniphi, siyakwanda ngokuhlakanipha; fundisa olungileyo, uyakwenezela emfundweni. “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova, nokumazi oNgcwele kungukuqonda. Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe. Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma udelela, uyakukuthwala wena wedwa.”
IzAga 9:9-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yala ohlakaniphileyo, uzohlakanipha kakhulu; ufundise olungileyo, uzothuthuka ngokuqonda. “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uSimakade, nokumazi oNgcwele kungukuqonda. Izinsuku zakho ziyokwanda ngami, kwenezelwe neminyaka yokuphila kwakho. Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma wedelela, uyakukuthwala wena wedwa.”
IzAga 9:9-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Mfundise ohlakaniphileyo, uyakuhlakanipha nakakhulu; fundisa olungileyo, khona-ke uyoba nemfundo eyengeziwe. Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha, nokwazi ongcwele kungukuqonda. Ngokuba ngaMi izinsuku zakho ziyakuba-ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwandiswa. Uma uhlakaniphile, uyakuzihlakaniphela