IzAga 16:17-19
IzAga 16:17-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe. Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela. Kungcono ukuba nomoya othobekileyo phakathi kwabahluphekayo, kunokuhlukaniselana impango nabazidlayo.
IzAga 16:17-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe. Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa. Kungcono ukuba nomoya othobekileyo kanye nabathobekileyo, kunokwabelana impango nabazidlayo.
IzAga 16:17-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; ogcina indlela yakhe ugcina umphefumulo wakhe. Ukuzidla kwandulela ukubhujiswa, nomoya ozidlayo wandulela ukuwa. Kungcono ukuthobeka kanye labathobekileyo kulokuhlanganyela impango labaziqhenyayo.