Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini;
oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.
Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa,
nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.
Kungcono ukuba nomoya
othobekileyo kanye nabathobekileyo,
kunokwabelana impango nabazidlayo.