KwabaseFilipi 1:9-11
KwabaseFilipi 1:9-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Nalokhu ngiyakhuleka ukuba uthando lwenu luvame kakhulu ekwazini nasekuqondeni konke; ukuze nivume izinto ezinhle kakhulu; ukuze nibe msulwa, ningabi nacala, kuze kufike usuku lukaKristu; nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.
KwabaseFilipi 1:9-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ikakhulukazi ngikhulekela ukuba uthando lwenu lwande kakhulu, lujule ekwazini nasekuqondeni konke, ukuba nikwazi ukukhetha okusemqoka, ukuze nibe mhlophe, futhi ningabi nasici osukwini lukaKhristu; nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ngaye uJesu Khristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.
KwabaseFilipi 1:9-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngikhulekela lokhu ukuba uthando lwenu luvame kakhulu njalo ekwazini nasekuqondeni konke, ukuze nikwazi ukwahlukanisa, nize nibe mhlophe nabangakhubekisiyo kuze kube lusuku lukaKristu, nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.
KwabaseFilipi 1:9-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)