UNumeri 6:1-27

UNumeri 6:1-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esithile, isithembiso somNaziri,* ukuzahlukanisela kuJehova, uyakuzahlukanisa newayini nophuzo olunamandla, angaphuzi uviniga wewayini, noviniga wophuzo olunamandla, angaphuzi okwezithelo zomvini, futhi angadli izithelo zomvini ezimanzi nezomileyo. Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe akayikudla lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini, kusukela ezimbumbulwini kuze kufike emakhasini. “ ‘Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobuNaziri kungasondeli mpuco ekhanda lakhe; uyakuba ngcwele zize ziphelele izinsuku azahlukanisela ngazo kuJehova, avume isihluthu sezinwele zekhanda lakhe sibe side. Zonke izinsuku engumNaziri kaJehova akayikusondela esidumbini. Akayikuzingcolisa ngoyise noma ngonina, noma ngomfowabo noma ngodadewabo, nxa befile, ngokuba isithembiso sakhe sobuNaziri sisekhanda lakhe. Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe ungcwele kuJehova. “ ‘Uma umuntu efa ngokuzumayo eceleni kwakhe, angcolise ikhanda lobuNaziri bakhe, uyakuphucula ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphucule ngosuku lwesikhombisa. Ngosuku lwesishiyagalombili uyakuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana; umpristi uyakunikela ngelinye libe ngumnikelo wesono nangelinye libe ngumnikelo wokushiswa, amenzele ukubuyisana, ngokuba wona ngenxa yofileyo; abesengcwelisa ikhanda lakhe ngalolo suku. Uyakwahlukanisela kuJehova izinsuku zobuNaziri bakhe, alethe imvu yeduna enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wecala; kepha izinsuku zakuqala ziyakuba yize, ngokuba ubuNaziri bakhe bungcolisiwe. “ ‘Nanku umthetho womNaziri lapho izinsuku zobuNaziri bakhe seziphelele wokuthi uyakulethwa emnyango wetende lokuhlangana, anikele ngomnikelo wakhe kuJehova, imvu yeduna enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wokushiswa, neyensikazi enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wesono, nenqama engenasici ibe ngumnikelo wokuthula, neqoma lesinkwa esingenamvubelo, amaqebelengwane empuphu ecolekileyo exovwe namafutha, nemiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha, nomnikelo wempuphu nowokuphuzwa walokho. “ ‘Umpristi uyakukuletha phambi kukaJehova, anikele ngomnikelo wakhe wesono nangowokushiswa wakhe. Uyakunikela ngenqama ibe ngumhlatshelo womnikelo wokuthula kaJehova kanye neqoma lesinkwa esingenamvubelo; futhi umpristi anikele ngomnikelo wayo wempuphu nangomnikelo wayo wokuphuzwa. “ ‘UmNaziri uyakuphucula ikhanda lobuNaziri bakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobuNaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula. “ ‘Umpristi uyakuthabatha umkhono ophekiweyo wenqama, neqebelengwane eqomeni, nomqathane ongenamvubelo, akufake ezandleni zomNaziri, nxa esephuculile ubuNaziri bakhe, umpristi akuzulise, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; lokhu kungcwele kumpristi kanye nesifuba sokuzuliswa nethanga lokuphakanyiswa; emva kwalokho umNaziri angaphuza iwayini. “ ‘Lowo ungumthetho womNaziri owenzile isithembiso nowomnikelo wakhe kuJehova ngenxa yobuNaziri bakhe, ngaphandle kokunye angaphumelela kukho; njengesithembiso sakhe asenzayo uyakwenza kanjalo njengomthetho wobuNaziri.’ ” UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe, uthi: ‘Niyakubusisa kanje abantwana bakwa-Israyeli, niyakusho kubo, nithi: “ ‘ “UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho, abe nomusa kuwe; uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho, akuphe ukuthula.” ’ “Bayakubeka kanjalo igama lami kubantwana bakwa-Israyeli, mina ngibabusise.”

Dlulisela
Funda UNumeri 6

UNumeri 6:1-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esilukhuni sokuba ngumnaziri, abe ngumnaziri kuSimakade, uyozehlukanisa newayini nophuzo olunamandla. Akayukuwuphuza uviniga wewayini, uviniga wophuzo olunamandla, akayukuphuza lutho lwezithelo zomvini, futhi akayukuwadla amagilebhisi asemasha noma omisiwe. Zonke izinsuku zakhe njengomnaziri, akayukudla lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini, kusukela ezimbumbulwini kuze kufike emakhasini. “ ‘Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobunaziri akuyukusondela nsingo ekhanda lakhe; uyoba ngcwele zize ziphelele izinsuku azehlukanisela ngazo kuSimakade, uyakuvumela ukuba nesihluthu ekhanda. Akayukusondela esidunjini ngazo zonke izinsuku esengumnaziri kaSimakade. Akayukuzingcolisa noma ngabe kufa uyise noma unina, noma umfowabo noma udadewabo, ngokuba isithembiso sakhe sobunaziri sisekhanda lakhe. Ungcwele kuSimakade, zonke izinsuku zobunaziri bakhe. “ ‘Uma umuntu efa ngokuzuma eceleni kwakhe, angcolise ikhanda lobunaziri bakhe, uyakuphuca ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphuce ngosuku lwesikhombisa. Ngosuku lwesishiyagalombili uyoletha kumphristi amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba ngasemnyango wethende lokuhlangana. Umphristi uyonikela ngelinye libe ngumnikelo wesono nelinye libe ngumnikelo wokushiswa, amenzele ukubuyisana, ngokuba wonile ngenxa yofileyo; angcwelise ikhanda lakhe ngalolo lusuku. Izinsuku zakhe zobunaziri uyakuzehlukanisela uSimakade, alethe imvu yeduna enonyaka, ibe ngumnikelo wecala. Izinsuku zakhe zakuqala ziyoba yize, ngokuba ubunaziri bakhe bungcolisiwe. “ ‘Nanku umthetho womnaziri lapho izinsuku zobunaziri bakhe seziphelele: uyakulethwa emnyango wethende lokuhlangana, anikele ngomnikelo wakhe kuSimakade, imvu yeduna enonyaka engenasici, ibe ngumnikelo wokushiswa. Anikele nangensikazi engenasici enonyaka, ibe ngumnikelo wesono, inqama engenasici ibe ngumnikelo wokuthula, iqoma lesinkwa esingenamvubelo, amaqebelengwane empuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, namakhekheba angenamvubelo agcotshwe ngamafutha, nomnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo. “ ‘Umphristi uyakukuletha phambi kukaSimakade, anikele ngomnikelo wakhe wesono nangowokushiswa. Uyonikela ngenqama ibe ngumhlatshelo womnikelo wokuthula kuSimakade neqoma lesinkwa esingenamvubelo. Umphristi uyobuye anikele ngomnikelo wayo wokusanhlamvu nangowokuphuzwayo. “ ‘Umnaziri uyophuca ikhanda lobunaziri bakhe ngasemnyango wethende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobunaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula. “ ‘Umphristi uyothatha umkhono wenqama ophekiweyo, neqebelengwane eqomeni, nekhekheba elingenamvubelo, akubeke ezandleni zomnaziri, ngesikhathi esephucule ubunaziri bakhe. Umphristi akuzungezise, kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade; lokhu kungcwele kumphristi nesifuba sokuzungeziswa nomlenze wokuzungeziswa. Emveni kwalokho umnaziri angaliphuza iwayini. “ ‘Lowo ngumthetho womnaziri owenze isithembiso, nowomnikelo wakhe kuSimakade ngenxa yobunaziri bakhe, ngaphandle kokunye angaphumelela kukho. Njengesithembiso sakhe asenzayo, uyokwenza kanjalo, kungumthetho wobunaziri.’ ” USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho ku-Aroni namadodana akhe, uthi kubo: ‘Niyakubabusisa abakwa-Israyeli, niyakuthi kubo: “ ‘USimakade makakubusise, akulondoloze; uSimakade makakhanyise ubuso bakhe kuwe, abe nomusa kuwe; uSimakade makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho, akuphe ukuthula.’ ” “Bayakulibeka kanjalo iGama lami phezu kwabakwa-Israyeli, Mina ngibabusise.”

Dlulisela
Funda UNumeri 6

UNumeri 6:1-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi kibo: Nxa indoda kumbe owesifazana ezahlukanisa ukwenza isithembiso somNaziri, ukuzahlukanisela eNkosini; Angayeka iwayini nophuzo oludakayo, angaphuzi viniga wewayini noma uviniga wesiphuzo esinamandla, angaphuzi isiphuzo samagilebhisi, angadli izithelo zomvini ezimanzi noma izithelo zomvini ezomisiweyo. Zonke izinsuku zokuzehlukanisela kwakhe makangadli lutho olwenziwe emvinini, kusukela embewu kuze kube sezikhumbani. Zonke izinsuku zesithembiso sokuzehlukanisa kwakhe akuyikunqunyulwa mpuco ekhanda lakhe; zize zigcwaliseke izinsuku zokuzahlukanisela kwakhe uJehova, uyakuba ngcwele, ayeke ukuhluthuka kwekhanda lakhe kukhule. Zonke izinsuku azahlukanisela ngazo uJehova, kayikusondela kofileyo. Angazingcolisi ngoyise noma ngonina, ngomfowabo noma ngodadewabo, uma befa, ngokuba ubungcwele bukaNkulunkulu wakhe buphezu kwekhanda lakhe. Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe ungcwele kuJehova. Uma umuntu efa ngokuzumayo ngenxa yakhe, wangcolisa ikhanda lobuNaziri bakhe; khona-ke kumelwe aphuce ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe; ngosuku lwesikhombisa kumelwe aliphuce. Ngosuku lwesishiyagalombili kumelwe alethe amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba kumpristi emnyango wetende lokuhlangana. Umpristi kumelwe anikele elinye libe ngumnikelo wesono elinye libe ngumnikelo wokushiswa amenzele isihlawulelo ngenxa yokuthi wonile ngofileyo, futhi ngalolo suku kumelwe angcwelise ikhanda lakhe. Uyakwahlukanisela uJehova izinsuku zokuzehlukanisela kwakhe, alethe iwundlu elinomnyaka munye, libe ngumnikelo wecala; “Nanku umthetho womNaziri lapho izinsuku zobuNaziri bakhe seziphelile: kumelwe alethwe emnyango wetende lokuhlangana. Uyakunikela ngomnikelo wakhe kuJehova, iwundlu leduna elinomnyaka munye elingenasici, libe ngumnikelo wokushiswa, newundlu lensikazi elimnyaka munye elingenasici, libe ngumnikelo wesono, nenqama engenasici, ibe ngumnikelo wokubonga; neqoma lesinkwa esingenamvubelo, namaqebelengwane empuphu ecolekileyo exovwe namafutha, namaqebelengwane amaqebelengwane angenamvubelo, agcotshwe ngamafutha, nomnikelo wakho wempuphu, nomnikelo wakho wokuphuzwa. Umpristi kumelwe awulethe phambi kukaJehova futhi alethe umnikelo wakhe wesono nomnikelo wawo wokushiswa. Woletha inqama ibe ngumnikelo wokubonga kuJehova kanye neqoma lesinkwa esingenamvubelo; umpristi kumelwe alungise umnikelo wakhe wokudla nomnikelo wawo wokuphuzwayo. UmNaziri uyakuphuca ikhanda lesigaba sakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lesigaba sakhe, aziphonse emlilweni ophansi komnikelo wokuthula. Umpristi kumelwe athathe umlenze omanzi wenqama neqebelengwane elilodwa elingenamvubelo eqomeni neqebelengwane elilodwa elingenamvubelo akubeke ezandleni zomNaziri ngemva kokuba esephuciwe izinwele zakhe. Umpristi kumelwe akunyakazise njengomnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; kungcwele kumpristi, kanye nesifuba esinyakaziswayo nomlenze wokushenxiswa; emva kwalokho umNaziri angaphuza iwayini. Lona ngumthetho womNaziri owenzé isithembiso nowomnikelo wakhe kuJehova ngenxa yobuNaziri bakhe, ngaphandle kwalokho esingakuthola isandla sakhe; njengesithembiso asethembisileyo uyakwenza kanjalo ngokomthetho wobuNaziri bakhe. Ukuhlukana kokuzalwa. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Tshono kuAroni lakumadodana akhe uthi: Lizabusisa kanje abantwana bakoIsrayeli, uthi kibo: INkosi inibusise futhi ikuvikele. INkosi izakhanyisa ubuso bayo phezu kwakho, ibe lesihawu kuwe. INkosi izakuphakamisa ubuso bayo phezu kwakho, ikuphe ukuthula. Kumelwe babeke igama lami kubantwana bakwa-Israyeli; futhi ngizobabusisa.

Dlulisela
Funda UNumeri 6